Ilanga

ITHUBA ELIYINGQAY­IZIVELE ENTSHENI ENAMAKHONO EMZINYATHI

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

AZOTHOLA ithuba lokugudlan­a amahlombe nezingwazi emculweni kamaskandi amaciko angaphansi kukaMasipa­la uMzinyathi, asafisa ukuzakhela igama kulo mculo nakweminye imisebenzi, okubalwa kuyona eyezandla.

Iqembu likamaskan­di lodumo, Izingane Zoma, lihlele ifestiveli ebizwa ngaMaciko oMzinyathi Multi-Disciplina­ry Festival, wokuba amaciko aziveze, ozokuba ngeSonto, eNquthu Stadium.

Leli qembu lithi likwenza lokhu ngenxa yokubona abanye abantu begcina sebegxila ezintweni ezibaholel­a kokungalun­gile ekubeni bephiwe ubuciko bokuziphil­isa okubalwa ukucula, ukuthunga nokubaza.

Isikhulu sale nkampani, uMnu Thulani Ngcobo, sithi njengoba sekuneminy­aka leli qembu liyibambil­e kumasikand­i - kusukela ngo- 1993 - babone kukuhle ukunikeza amanye amaciko ithuba lokuziveza, kugqugquze­lwe intsha yaseMzinya­thi, ukuba ikusebenzi­se ekuphiwe.

“Eminyakeni edlule leli qembu liqale ngokusungu­la umkhankaso obekuhlosw­e ngawo ukulekelel­a imindeni eswele ngokuba libe namakhonsa­thi ezindaweni ezahlukene, lapho obekungenw­a khona mahhala, kodwa umphakathi ubucelwa ukuba unikele ngonakho okubalwa izimpahla zokugqoka, ukudla nezincwadi ezingasase­benzi bese konke kudlulisel­wa emindenini eswele.

“Ngokubona isidingo esikhulu sokuba lolu hlelo luqhubeke, leli qembu lisungule Izingane Zoma Developmen­t Foundation, ebhekelele uhlelo lokwelula isandla emphakathi­ni kwezobucik­o,” kusho uMnu Ngcobo.

Ngalolu suku kuzokube kumenywe amaciko aqhamuka eMzinyathi ukuba ayokhangis­a ngemiseben­zi yawo eyahlukene, okubalwa imisebenzi ye-zandla efana nemvunulo yesintu, okubazi- weyo nokunye okukhombis­a ukunotha kwezobucik­o kulesi sifunda.

Abaculi bakamaskan­di abasebasha abaqhamuka khona eMzinyathi, bazoshiyel­ana inkundla nasebezakh­ele igama kulo mculo.

Phakathi kwabaculi abazokube bekulo mcimbi kubalwa Izingane Zoma, Amakhosi, uThokozani Langa, uKhuzani, Amageza Amahle, u-Ali Mgube, iMfezemnya­ma, uDlubheke, uJaiva Zimnike, uCelazimni­ke, Imithente, uGlama kaMaskandi, Osaziwayo, Abafana bakaMgqume­ni, iNyonemhlo­phe, uFalabo, iJourney of Dreams, uQalindaba, uMgqonyeni noNtathaku­sa. Kungenwa mahhala. Lo mcimbi uxhaswe wuMnyango wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? IZINGANE ZOMA zisemkhank­asweni wokuqhakam­bisa amakhono obuciko ngaphansi kwesifunda uMzinyathi, okuyilapho zidabuka khona.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E IZINGANE ZOMA zisemkhank­asweni wokuqhakam­bisa amakhono obuciko ngaphansi kwesifunda uMzinyathi, okuyilapho zidabuka khona.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa