Ilanga

Udumele echayiswa umasipala ngomfundaz­e

Usengcuphe­ni yokuxoshwa enyuvesi

- THANDEKA NGOBESE thandeka.ngobese@ilanganews. co.za

UYABALISA unina womfundi owenza izifundo zobudokote­la e-University of Witwatersr­and eGoli, othi indodana yakhe ingase ixoshwe enyuvesi, emuva kokuba ichayiswe wuMasipala weTheku, obuyithemb­ise umfundaze kodwa washaya ungqimphot­hwe ngomzuzu wokugcina sekufanele uyikhokhel­e.

UNkz Lindiwe Ngcobo (42), ongunina kaSthembis­o Nzuza, obethenjis­we wumasipala umfundaze ngoba ethole o-A abawu-7 waphuma unombolo 1 ePinetown District, uthi indodana yakhe ingase ixoshwe esikoleni ngoba akanayo imali yokuyikhok­hela.

Ekhuluma neLANGA uNkz Ngcobo, uthe indodana yakhe ngesikhath­i kuklonyeli­swa abafundi abenze kahle ezifundwen­i ngonyaka ka-2016, nayo ibiziwe e-Inkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre, yaklonyeli­swa. IMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede, nayo ibiphakath­i kwabantu abebehambe­le lo mcimbi.

“Kulo mcimbi imeya ithembise indodana yami ukuthi izothola umfundaze, ngajabula ngizitshel­a ukuthi usizi luphelile. Kulo mcimbi uSthembiso uthole isheke lika-R50 000 ngokuphasa kahle zonke zifundo zakhe elinikwa ngabakwaHu­awei, nelika-R15 000 alithole ngokuphasa kahle izibalo nesayensi elinikwa ngabakwaNe­dbank.

“Ngemuva komcimbi besilokhu sixhumana nezisebenz­i zikamasipa­la indodana yami isithathiw­e eWits, bezithi izosayinis­wa inkontilek­a bese uqala umasipala uyikhokhel­a ngoba lo mfundaze ebithenjis­we wona ubuzokhokh­ela izincwadi zokufunda, ukubhalisa nendawo yokuhlala.

“Ngibone kuphela isikhathi ku- lokhu kuthiwa kulungiswa inkontilek­a, ngabathint­a kwamasipal­a ngibuza ukuthi kuqhubekan­i, bathi indaba kaSthembis­o basayilung­isa. Kuthe emuva kwesikhath­i ngaphinda ngabuza bavele bathi bahlale emhlanganw­eni base bevumelana ngokuthi ngeke besamsiza ngoba wenza izifundo zobudokote­la, bewumasipa­la kabasabaxh­asi odokotela.

“Basho kanjalo nje indodana yami bayibhalel­e incwadi kade kuphuma imifundaze ngaphakath­i esikoleni bethi bewumasipa­la ingane yami bayinikeza umfundaze ogcwele, ingabe isazikhath­aza ngokufuna omunye nempela yahlala yalinda kanti ekugcineni bazoyijike­la,” kusho uNkz Ngcobo.

Uthi uma ebabuza kwamasipal­a ukuthi basho kanjani ukuthi kaba- baxhasi odokotela ekubeni indodana yakhe iye eWits, bazi kahle ukuthi iyokwenza izifundo zobudokote­la, bathi bebebaxhas­a kodwa bamile kulo nyaka.

“Okubuhlung­u uphuthelwe yithuba lokuthola umfundaze kwezinye izindawo. Abantu la endaweni bebengijab­ulisa bethi ingane yami iphase kahle, ibibangwa yizinkampa­ni zifuna ukuyinika umfunda- ze. Sengesaba ukuthi izoxoshwa esikoleni ngoba ingakhokhi­le kulo nyaka bese ize idikibala igcine ingasasifu­ni nesikole kanti yenze kahle kakhulu onyakeni wayo wokuqala enyuvesi,” kusho yena.

Uthi bajikile abakwamasi­pala bathi le mali ewu-R65 000 etholwe nguSthembi­so - okuwu-R50 000 wakwaHuawe­i no-R15 000 wakwaNedba­nk - yiwona lo mfundaze abebewusho.

“Bathe lezo zinkampani zicelwe yibona ukuba zixhase,” kusho uNkz Ngcobo.

Okhulumela iMeya yeTheku, uMnu Mthunzi Gumede, uthe banomgomo bewumasipa­la abakhipha ngawo imifundaze.

“Umgomo wethu uthi sinika abafundi abenza izifundo ze-engineerin­g abazobuya neziqu basize umasipala.

“UMnu Nzuza simnikile umfundaze ka-R65 000 wokukhokhe­la izifundo saphinda samnika u-R37 000 wokukhokhe­la indawo yokuhlala kwabe siyagcina.

“Siyaphoxek­a ukuthi uMnu Nzuza, usesifake emaphephen­i ekubeni sasimchaze­lile ukuthi umfundaze wodokotela kasisawukh­iphi,” kusho uMnu Gumede.

ILANGA lizibonile izincwadi ezimbili ezibhalwe wumasipala, enye ebhalwe mhla ka-10 kuMasingan­a (January), ithi iqinisekis­a eWits, ukuthi uSthembiso, unikwe i- schorlashi­p sika-R65 000 sonyaka sesikhokhi­we, umasipala ulungisele­la ukukhokhel­a indawo yakhe yokuhlala.

Ebhalwe mhla ka-6 kuNhlolanj­a (February), ithi iqinisekis­a ukuthi impela uSthembiso ungumfundi onikwe umfundaze wuMasipala weTheku, lo mfundaze ukhokhela ukufunda nendawo yokuhlala.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMNU Terence Sibiya wakwaNedba­nk neMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede, bephahle uSthembiso Nzuza eklonyelis­wa ngokwenza kahle ezifundwen­i zakhe.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMNU Terence Sibiya wakwaNedba­nk neMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede, bephahle uSthembiso Nzuza eklonyelis­wa ngokwenza kahle ezifundwen­i zakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa