Uboshwa yisibhedlela ngokufa kwengane
Uthi simsola ngokufuna ukuceba ngokubulala indodana yakhe
ZIGCWALA amehlo izinyembezi uma echaza ngosizi lwakhe owesifazane waseSydenham, eThekwini, ovulelwe yisibhedlela iKing Dinuzulu, icala ngoba simsola ngokuklinya abulale indodana yakhe ebinezinsuku ezimbili izelwe.
Le ngane izalwe ngoNhlolanja (February) nonyaka. UNkz Nosiphiwe Sokhanyile (30), uthi akasabuthi quthu ubuthongo selokhu lesi sibhedlela simnuke ngokubulala indodana yakhe.
Uthi ungene esibhedlela mhla ka-24 kuNhlolanja (February) esikwa. Uphuthunyiswe egunjini lababelethayo ngoba bese kuseduze ukuthi abelethe. Uthi ngesikhathi ehamba umtholampilo ukuyoxukuza, ubetshelwe ukuba ingane inkulu kakhulu njengoba ishaye u-3,8kg esikalini, kuzodingeka ukuba ahlinzwe uma eseyobeletha.
“Ngingeniswe egunjini lababelethayo kwanzima ukuba ngibelethe ngenxa yokuthi ingane ibinkulu kakhulu. Umhlengikazi obengibelethisa wenqabile ukuba ngiyiswe ethiyethi, wangishaya amathanga engiphoqa ukuba ngiphushe ukuze kuphume ingane.
“Kuthe uma esebona ukuthi ngiphelelwa ngamandla, sengiyahlukeka ukuphusha, wafaka isandla ezama ukudonsa ingane yaze yagcina isiphumile kanzima,” kusho yena.
Uthi esebelethile, ingane ugcine ngokuyibona kancane ngenxa yokuthi naye ubesatubekile. Uthi ingane ifike kuyena ekuseni esezophuma esibhedlela, isigqokiswe izimpahla zayo. Ngakusasa ekuseni udedeliwe esibhedlela watshelwa ukuthi ingane iphile kahle.
Uthi ngesikhathi ephuma, ibivuvukele iso elilodwa ibukeka ikhathele. Utshele ILANGA ukuthi ufike kubo ngezithuba zasemini ingane ilele.
“Ivuke sengisendlini, ngiyasola besekuphela nomjovo egazini isizwa izinhlungu lapho ilimele khona, yakhala into engapheli. Kuthe uma ngiyibheka ebusweni, ibisivuvukele. Ngethuke ngashayeka phansi ngesikhathi ngiyikhumula ngi- thola ukuthi ilimele entanyeni, ivuvukele.
“Ngisukume ngaleso sikhathi ngabiza i- ambulance yagcina ingafikanga. Ukusa kubonwe yimina ngakusasa ngayiphuthumisa esibhedlela njengoba ingazange ilale, ikhala ubusuku bonke.
“Ngifike esibhedlela abahlengikazi bangijikela bathi ngiyisigebengu, bengizama ukubulala ingane yami ngoba ngifuna ukubopha isibhedlela ngigaqele ukuthola imali kahulumeni,” kusho yena.
Uthi kugcine ngokuba ingane idlule emhlabeni ngalo usuku engene ngalo esibhedlela.
“Odokotela bebevele sebelilahlile ithemba ngokuthi ingane yami izophila njengoba bengitshele ukuthi ithinteke umthambo omkhulu,” kusho yena.
Uthi abahlengikazi nodokotela esibhedlela bebemnuka ngokuthi nguyena obulale ingane baze babiza amaphoyisa wavulelwa icala lokubulala. Uthi kakuvumi nokuthi behle ubuthongo ebusuku uma ecabanga ngento emehlele.
Uqhube wathi livuliwe icala, kusalindwe imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu okuyiyona ezochaza ukuthi indodana yakhe ibulawe yini.
Utshele ILANGA ukuthi kudlule amasonto amabili etetile, waqala waba nenkinga yokuvuvukalelwa yizinyawo wezwa nobuhlungu obungapheli esinyeni. Uthi unikele emtholampilo kwatholakala ukuthi umzanyana wengane kawuphumanga wonke esibelethweni. Uthi kuze kwadingeka ukuba abuyele esibhedlela ayohlanzwa kahle.
“Kumanje nginenkinga kangikwazi ukuzikhulula, odokotela bangitshele ukuthi ngithungwe kwaze kwafika endaweni engafanele ngesikhathi ngiqeda ukubeletha. Kumanje kufanele ngiphindele esibhedlela ngiyoqaqwa lo mthungo, wenziwe kabusha,” kusho yena.
Uqhubeka athi okumphatha kabi kakhulu manje wukuthi imiphumela yokushona kwengane yakhe kayibuyi ukuze kutholakale iqiniso.
“Ngifuna isibhedlela sijeze ngokungihlukumeza kwaso, ngithukwa phambi kwabantu ngibizwa ngombulali ofuna ukuceba ngokubulala indodana yakhe. Le ngane ibiyigugu elikhulu kimina njengoba bengiqala ukuba nengane yomfana, ngizele amantombazane.
“Ngizimisele ngokuyilwa le mpi kuze kutholakale iqiniso, kugezeke negama lami,” kusho yena. Uthi utshelwe ukuthi ifayela lakhe lokubeletha lidukile, usenzelwe elisha.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, ukuqinisekisile ukuthi likhona icala elivuliwe amaphoyisa asenza uphenyo.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkz Ncumisa Mafunda, uthe:
“Ukudlula emhlabeni komuntu kuyinto ebuhlungu, ngakho-ke, umnyango udlulisa ukuzwelana nomndeni oshonelwe. Nakuba umthetho ungavumi ukuba umnyango udalule imininingwane ngokwelashwa kwesiguli njengoba lokhu kuyimfihlo phakathi kwaso nodokotela, kodwa singakuqinisekisa ukuthi lolu daba luyaphenywa ngaphakathi.
“Uma kukhona otholakala enecala, umnyango ngeke unanaze ukumthathela izinyathelo ezinqala,” ephetha.