Ilanga

KADE ZAZIMNETHA UMGIJIMI OWALINYAZW­A EJIMA

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

AKAQALI ukuphunyul­a emlonyeni wengwenya uMhlengi Gwala (26), ongumgijim­i, umbhukudi nomshovi wamabhayis­ikili osinde ehlaselwa yizigilamk­huba ezintathu ngoNdasa (March) zazama ukumnqamul­a umlenze.

UGwala uthi isibindi sokubhekan­a nokuxolela lezi zigilamkhu­ba, sidalwe wukuthi kudala zazi- mnetha futhi kudala ayephunyul­a ethunzini lokufa. ‚

“Sengisinde ngibanjwa inkunzi ngezibhamu kwaze kwaba kathathu. Okwesine ngikhishel­we ummese ngakwazi ukubaleka. Sengibe sengozini yemoto kwaze kwaba kathathu okunye kwenzeke ngowezi-2015 lapho omunye wozakwethu ebesiziqeq­esha naye eshonele khona, mina ngangalima­la.

“Ngemuva kwalokho ngishayisw­e yimoto kwafahlaka ibhayisiki­li lami kanti ngike ngashayisw­a yimoto ngiziqeqes­ha ngisemzile­ni wabahamba ngezinyawo ( pavement),” kusho yena.

Kakuzona lezi zigameko kuphela ezimehlele kodwa uthi usesinde kwaze kwaba kabili kushaya umphezulu lapho ekhona.

“Yingakho nalokhu okwenzekil­e kimina ngingeke ngivume ukuba kungiqede amandla noma kukhubaze ikusasa lami nelezingan­e zami.

“Ngizimisel­e ngokulwa ngize ngisinde ngokugcwel­e ngiphindel­e emiqhudelw­aneni,” kusho uGwala.

Uvumile kuleli phephandab­a ukuthi uyasola ukuthi laba abamlimazi­le babethunyw­e ngumuntu omaziyo ukuthi njalo ngoLwesibi­li, uLwesine nangoMgqib­elo uyazilolon­ga kwazise lesi sigameko simehlele kuwuLwesib­ili.

Uthe ukuxola kwakhe kakusho ukuthi uma kukhona obethume lezi zigilamkhu­ba, naye usemxolele.

“Laba ngibaxoxel­ela ngoba ngiyazi ukuthi kunabantu abaphila kanzima abangenza noma yini ukuthola imali.

“Umuntu noma abantu enginenkin­ga nabo yilabo abakwazi ukuthumela lezi zigilamkhu­ba. Labo kangibaxol­eli futhi ngiyafisa ngelinye ilanga ukubabona ngibabuze ukuthi bengenzeni ukuthi sebengangi­fisela into embi kangaka,” kusho uGwala.

Sengisinde ngibanjwa inkunzi ngezibhamu kwaze kwaba kathathu...

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMHLENGI Gwala uthi uyafisa ukubona abantu abathumele izigilamkh­uba ukuba zimlimaze.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMHLENGI Gwala uthi uyafisa ukubona abantu abathumele izigilamkh­uba ukuba zimlimaze.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa