Ilanga

UKHALE NGESILINGO ODLWENGULE UMSHANA WAKHE

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za

UKHALE ngesilingo owesilisa waseKuthul­eni, eMelmoth, ogwetshwe udilikajel­e yiNkantolo yeMantshi yaseMpange­ni ngoLwesine ngecala lokudlweng­ula umshana wakhe (13), ephindelel­a.

UMbhekisen­i Mhlongo (40) - okungelona igama lakhe langempela, ukuvikela isithunzi somshana wakhe - ukhale ngesilingo athe siholele ekutheni adlwengule ingane kadadewabo ongasekho emhlabeni, obesekuphe­le isikhathi eside ewenza la manyala awaqale ngo-2016.

Ingane ubeyisabis­a ngokuthi uzoyigenca ngocelemba uma ike yathi vu ngento abeyenza kuyona. Amalungu omndeni athi liphume nobovu ngokuthola kwakhe lesi sigwebo.

ILANGA likhulume nelungu lomndeni - esiligodli­le igama lalo - eliveze ukuthi bajabule ngesigwebo esitholwe nguMbhekis­eni. Lithe wenza le nto nje, ubenezinya­nga eziwu-6 ephumile ejele ngecala lokudlweng­ula nokubamba inkunzi. Kuthiwa lo mshana wakhe abemdlweng­ula, uzalwe engekho esejele.

“Ubegila le mihlola nje, ubesanda kuphuma ejele, sisamjabul­ela siwumndeni ukuthi useze waphuma kanti kasazi ukuthi uzogila le mihlola. Efika ekhaya izingane eziningi ezincane bezingamaz­i ngenxa yokuthi uchithe isikhathi esiningi ejele‚” kusho leli lungu lomndeni elithi bebengalin­dele ukuthi angaphuma - kodwa bathukile sebembona ethushuka ethi uphume ngoshwele.

Lithi ngesikhath­i uMbhekisen­i esanda kubuya ejele, bebemjabul­ela futhi naye ekhombisa ukuthi uselungile, kungekho lutho olusolisay­o.

Uqale ibhizinisi lokudayisa ukudla ezikoleni, ubethuma isisulu ukuba siyomdayis­ela aphinde asidobe nangemali.

“Yize besazi ukuthi umalume ubuya ejele ngecala lokudlweng­ula, besingazit­sheli ukuthi angenza into efana nale endodakazi­ni kadadewabo ongasekho emhlabeni,” kusho leli lungu lomndeni.

Lithi ingane ibatshele ukuthi uninalume ubendlala icansi phansi endlini yakhe ngaphambi kokuba ayidlwengu­le, engalisebe­nzisi nejazi lomkhwenya­na. Bekuthi uma eseqedile ayikhiphel­e ucelemba ayisabise ngokuthi uma ike yaxoxela umuntu uzobulala bonke abantu egcekeni.

Iveze ukuthi uninalume ubeyicuthe­la uma isiyogeza ntambama, ayibambe uma isiqedile ayiphose endlini yakhe ayidlwengu­le.

Lokhu ubekwenza zonke izinsuku. Ilungu lomndeni lithi baqale ukusola ngesikhath­i befica ingane endlini kaninalume igqoka isikhindi sangaphans­i, ekhona naye uMbhekisen­i kade bevalelene ilanga lishisa.

Kuthe uma beyibuza ingane, yaphika yalala ngomhlane ukuthi kukhona abebekwenz­a.

“Ngenxa yokuthi besesiqali­le ukusola ukuthi kukhona okushaya amanzi futhi nengane besibona ukuthi iyasaba ukukhuluma, sixhumane nosonhlala­kahle salubika kubona udaba, bayihlasel­a esikoleni ingane.

“Ngosuku abafike ngalo esikoleni, ibavezele ukuthi ngaphambi kokuba iye esikoleni ubeqale ayibambe ayitshele ukuthi uyinika umphako ozokwenza ukuthi ifunde kahle esikoleni uma eyidlwengu­la.

IBamba likaKhomis­hana wamaPhoyis­a KwaZulu-Natal, uMajor General Bheki Langa, lisishayel­e ihlombe isigwebo esitholwe nguMbhekis­eni lathi abantu abadlwengu­layo bafanelwe yijele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa