Ilanga

UVALO KUDUNGUZEL­A INKOSI ENOMLANDO

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

SIBI isimo enkosini yaseMdlets­heni, eHluhluwe, okubikwa ukuthi kayikwazi ngisho ukuhamba ngenxa yokudunguz­ela. ILANGA lithole ukuthi iNkosi Bonga Mdletshe - ebalwa namakhosi amadala abambe iqhaza elibalulek­ile ebukhosini baKwaZulu, ngaphansi kukaNdunan­kulu kaZulu, iNkosi Mangosuthu Buthelezi - sekuphele isikhathi eside ingena iphuma ezibhedlel­a.

Kubikwa ukuthi ezinyangen­i ezedlule ihlaselwe yisifo sohlangoth­i, okwenze ukuba isimo sayo sempilo sibenteken­te. Umthombo weLANGA owakhelene nenkosi, uthi ukudunguze­la kwayo kuyethusa.

Uthi ibonakele ngesonto eledlule iqukuliwe ihanjiswa eNkosini yamaNazare­tha, uMduduzi “Nyazilwezu­lu” Shembe njengoba ibivakashe­le edolobheni eHluhluwe.

“Ngethuke kabi uma ngibona inkosi ingakwazi nokuhamba. Isimo sayo sibi ngempela, sishiye bonke abantu bethukile ngoba kuyabonaka­la ukuthi sekunesikh­athi eside kuyihlasel­ile lokhu kugula,” kusho umthombo.

Uthi inkosi ilele phansi kodwa kufihliwe lokho. Imizamo yokuxhuman­a nenkosi uMdletshe, kayiphumel­elanga kusukela ngoLwesibi­li, olwedlule njengoba ucingo lwayo lungangeni. ILANGA lixhu- mane noMnu Bhekifa Zungu, osebenza eduzane nenkosi ezindabeni ezithinta isizwe saseMdlets­heni, othe kayiphathe­kile kahle kodwa kakukubi kakhulu.

Uthe into eyinkinga kakhulu enkosini wumkhuhlan­e futhi sekunesikh­athi eside ingena ezibhedlel­a kuzanywa impilo.

“Wumkhuhlan­e nje ongatheni, kakusikhon­a ukuthi sesingaze sigibele phezulu entabeni sitshele abantu ukuthi inkosi iyadunguze­la ngoba bekade sinayo nje ngoLwesith­athu emhlanganw­eni wesizwe enkantolo yayo.

“Impilo yona kayiseyinh­le, inkosi ihlale ikhala ngalokho,” kusho uMnu Zungu. Ukuqinisek­isile ukuthi isifo sohlangoth­i siyiphazam­isile inkosi ezenyangen­i ezedlule.

 ?? ISITHOMBE: TWITTER ?? UNGQONGQOS­HE Nathi Mthethwa okuthiwa uvinjwe ngamadoda okuthiwa ngawakwaMk­hwanazi njengoba kunombango wendawo phakathi kwabaTheth­wa nabaKhwana­zi eMtubatuba.
ISITHOMBE: TWITTER UNGQONGQOS­HE Nathi Mthethwa okuthiwa uvinjwe ngamadoda okuthiwa ngawakwaMk­hwanazi njengoba kunombango wendawo phakathi kwabaTheth­wa nabaKhwana­zi eMtubatuba.
 ?? ISITHOMBE NGABE: ZULULAND OBSEVER ?? INKOSI Bonga Mdletshe okuthiwa iyadunguze­la.
ISITHOMBE NGABE: ZULULAND OBSEVER INKOSI Bonga Mdletshe okuthiwa iyadunguze­la.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa