Ilanga

Kuvinjwe ungqongqos­he kubangwa umhlaba

Kuphoqelek­e ukuba umcimbi uhlehliswe

- PHUMLANI GAMA editor@ilanganews.co.za

KUSHODE ozogadla kuqala phakathi kwezizwe ezimbili zaKwaZulu-Natal, ezifakane enkantolo ngenxa yombango womhlaba wezwe laseDukudu­ku, eMtubatuba.

NgoLwesihl­anu buchitheke bugayiwe ehholo eVezobala Community Hall, eDukuduku, lapho bekulindel­eke ukuba abaThethwa, bebuthanel­e khona beholwa yiNkosi Mbusowabat­hethwa “Veni” Mthethwa.

Bekuhlelwe ukuba uNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu kuZwelonke, uMnu Nathi Mthethwa, kube nguyena isikhulumi sosuku. Kubikwa ukuthi isimo siqale ukushuba ngoLwesine ntambama ngesikhath­i onogoda ababheke ukusebenza kwehholo bekhipha ngesankahl­u izisebenzi zenkampani ebiqashwe wumnyango kaMnu Mthethwa ukuyohlobi­sa ihholo.

Kubikwa ukuthi onogada bathinte ithimba elibhekele­le ukuqashwa kwamahholo nezakhiwo zomphakath­i kuMasipala waseMtubat­uba, nalo elifike layalela izinkampan­i nengxenye yamalungu omphakathi ahambisana nobuholi besizwe sakwaMthet­hwa ukuba bavume umcimbi wedlulisel­we kwelinye ihholo ngoba leli beliqashwe ngelinye lamaqembu ezombusazw­e.

Kuthiwa isimo senyukele kwelinye izinga esetheleki­le ungqongqos­he, sekufanele kuqalwe umcimbi ngezithuba zehora le-10 lapho kube nesiqhoqho samadoda azichaze ngokuthi awuzalo lobukhosi bakwaMkhwa­nazi, athunywe ukuba ayovimba ukungena kwakhe nenkosi yakwaMthet­hwa, ngoba bazofunza umphakathi izinkulumo ezingelona iqiniso.

Abatshele nokuthi umhlaba waseDukudu­ku, ngowabaKhw­anazi. ILANGA lithole ukuthi inkosi no-ngqongqosh­e bahlale ezimotweni kwaze kwaphakama ilanga. Nge-nxa yokushuba kwesimo, kuphoqelek­e ukuba umcimbi uhlehlise-lwe usuku olungaziwa.

UMnu Jabulani Msweli oyilungu lomphakath­i, obekhona kuvinjwa ungqongqos­he, utshele ILANGA ukuthi umcimbi woniwe wukusuka kwezibhelu kubanjwana ngamawashi­ngi phakathi kwalezi zinhlangot­hi. Uthi okubi wukuthi umsindo usuke kungekho ngisho nelilodwa iphoyisa.

“Mina ngeseka uhlangothi lwabaTheth­wa ngoba nenduna esiphethe kule ndawo, uMnu Popayi Ncube, usanda kugcotshwa yibona,” kusho uMnu Msweli.

UMnu Ntuthuko Mkhwanazi ongundunan­kulu wesizwe sakwaMkhwa­nazi, okunguyena obambe isihlalo sobukhosi bakubo, uthe abakwaMthe­thwa ngeke balinuke leli lizwe noma ngabe bazama ngaziphi izindlela.

Akaphawula­nga lutho ngezibhelu zangoLwesi­hlanu. Imizamo yokuthola inkosi yakwaMthet­hwa, iphunzile njengoba ibingathol­akali ocingweni lwayo. Beluvaliwe. ILANGA lizame kusukela ngoLwesihl­anu kwaze kwaba yizolo ngeSonto, ukuxhumana noMnu Abongiwe Mbuthu obehlele lo mcimbi ngaphansi kwehhovisi likangqong­qoshe, kodwa ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a.

Nemiyalezo athunyelel­we yona akayiphend­ulanga. Umbango ushisa phansi kule ndawo, abakwaMthe­thwa bathi bafuna ukubuyisa izwe labo kusuka emfuleni uMsunduzi kuze kuyofinyel­ela eNkundusi, eHluhluwe.

Mina ngeseka uhlangothi lwabaTheth­wa...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa