UHUQE UBUTHONGO KUTHETHWA ICALA
UHUQE ubuthongo enkantolo ummangalelwa ecaleni letulo lokuzama ukubulala uMnu Bhekani Shishane (46), waseMbumbululu, mhla ka-7 kuNhlaba (May) ngo2014.
UMnu Mbuso Zulu, ongummangelwa wesibili kula macala, uhuqe ubuthongo eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, ngoLwesihlanu ngesikhathi uDkt Siphesihle Mkhize, ethula ubufakazi bakhe.
Asolwa nabo nguNhlakanipho Mswane, ongummangelelwa wokuqala - okuyimanje udonsa isigwebo seminyaka ewu-15 ecaleni lokubamba inkunzi kuhlonyiwe, uMnu Nkanyiso Goda, ongummangelelwa wesithathu noNkk Sizakele Shishane, uMaMzobe, okunguyena osolwa ngokwakha itulo lokubulala umyeni wakhe.
UNkk Shishane ubiza isibongo sakubo yize engakadivosi nomyeni wakhe, yena ongummangelelwa wesine. UNhlakanipho noMnu Zulu bamelwe ngu-Adv Jeffery Khumalo, uMnu Goda umelwe nguMnu Manogaran Dass, kanti uMazobe) yena umelwe nguMnu Andile Dakela.
UMnu Shishane kuthiwa ushaywe walinyazwa nguNhlakanipho, uMnu Zulu noMnu Goda ngesikhathi bephuma endaweni yokucima ukoma eSiphingo, ngosuku lwesigameko.
Ushiywe eceleni komgwaqo oya eMbumbulu, njengoba bebacabanga ukuthi ufile. Kuthiwa ukwazile ukugaqela emgwaqweni ukuze ezothola usizo. Umshushisi, uNkz Tanya Pretorious, ubuze uDkt Mkhize ukuthi ubekuphi mhla ka-7 kuNhlaba.
UDkt Mkhize, utshele inkantolo ukuthi ubesemsebenzini, ePrince Mshiyeni Memorial Hospital, ngesikhathi uMnu Shishane, engeniswa kulesi sibhedlela. Uthi uMnu Shishane ungene esibhedlela ngezikhathi zasebusuku enezingozi zokulimala kabi ekhanda.
“Ufikele kimina esibhedlela njengoba bengisebenza endaweni yabalimele. Isihlobo sakhe singitshele ukuthi kunesikhathi lapho abequleke khona, singitshele lokhu ngesikhathi ngimxilonga.
“Efika esibhedlela ubevuvukele ekhanda futhi enezicubu ezilengela ngaphandle ngenxa yokushayeka kabi kulona. Izithombe ze-X Ray ziveze ukuthi ubenethambo eliphukile ekhanda ngakho-ke bekumele ahlinzwe.
“Ukulimala okunje kungaholela ekutheni umuntu ashone ngenxa yokophela ebuchopheni,” kusho uDkt Mkhize.
UNkz Pretorious, ubuze uDkt Mkhize, ukuthi uneminyaka emingaki engudokotela, uphendule ngokuthi isingaphezu kuka-10.
“Ngithole iziqu zami zobudokotela ngo-2005 e-University of KwaZulu-Natal (UKZN). Emuva kokuzithola ngenze in- service training ngasengiyosiza umphakathi. Ngibe sengisebenza ePrince Mshiyeni njengodokotela,” kusho yena.
U-Adv Khumalo, ubuze uDkt Mkhize, ukuthi ngesikhathi uMnu Shishane efika esibhedlela ehamba nesihlobo ubequlekile, ngabe kuyiqinisio yini ukuthi ubengaqulekile ngesikhathi emxilonga. Ubuze ukuthi ubone ngani ukuthi ubengasaqulekile.
“Yize ubengakhulumi kodwa amehlo akhe abevulekile (ecwayiza) kanti ubezenza izinto ebezishiwo ngabahlengikazi. Emuva kokumxilonga, ngimdlulisele kochwepheshe bodokotela abaxilonga amakhanda, yibona abamfake emshinini wokuxilonga ikhanda (CT scan).
Mina bengingekho kulelo thimba locwepheshe lodokotela,” kusho yena. Namhlanje, ngoMsombuluko kulindeleke ukuba -kungene ebhokisini lofakazi uMnu Shishane njengoba ezothula ubufakazi bakhe. Icala liyaqhubeka.