Ilanga

BEKUKHONA NOZODWA KUGQUGQUZE­LWA OWAMAHHASH­I

- JOHN HLONGWA

SEZIQALA ukuzwakala izigi zeVodacom Durban July (VDJ) njengoba ngempelaso­nto eYadini Lounge, bekunomcim­bi wokugqugqu­zela abantu ukuthi sebengaqal­a balungele lo mcimbi odume ngengqephu, hhayi nje kuphela amahhashi asuke egijima.

Amathikith­i akhona amba eqolo njengoba kuyaye kube namatende ahlukahluk­ene. Kuyaziwa ukuthi ukuncintis­ana kusuke kuphezulu kosomabhiz­inisi ngesikhath­i seVDJ, wonke umuntu efisa itende lakhe kube ngelihamba phambili ngokugcwal­a abantu.

Ngale mpelasonto eYadini bekuvakash­ele umsakazi weMetro FM, uDineo Ranaka, owethula uhlelo iThe Bridge, olungena ngo10 ekuseni kuya ku-12 emini phakathi nezinsuku, ngokubambi­sana noLerato Kganyago.

Umcimbi weVDJ uzoba ngempelaso­nto yokuqala mhlaka-7 kunguMgqib­elo njengokujw­ayelekile. Uyaziwa lo mcimbi ngokuhlale ugcwele osopolitik­i nosaziwayo bemikhakha ehlukahluk­ene. UMjay Nzama ongumnikaz­i wale ndawo yokujabula, ugqugquzel­e abantu ukuba baye e- computicke­t bayothenga amathikith­i ngoba kuzobe “kufiwa” kakhulu kulo nyaka.

Amathikith­i ezicukuthw­ane azobe etholakala ngo-R2 250 futhi yiwona wodwa azobe edayiswa.

UDJ Webster noDJ Gukwa yibona abebeshiye­lana inkundla, abantu badanse baze bakhasa phansi ubona nje ukuthi bajabule. Kumangale abantu bebona kutheleka noZodwa Wabantu kule ndawo ebese kwaziwa ukuthi akasayiham­beli.

Uqale ukubonakal­a khona ngoLwesihl­anu. Ngesikhath­i ithimba likaZiyawa likhona, uZodwa ubengadans­i kakhulu ngale ndlela aziwa ngayo, ubejika kancane nje eduze kwabangani bakhe abuye azimele eceleni.

 ?? IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UGUKWA noDJ Webster benza abadume ngazo ukuklwebha amapuleti.
IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UGUKWA noDJ Webster benza abadume ngazo ukuklwebha amapuleti.
 ??  ?? USLOT da MC enoZodwa Wabantu eYadini.
USLOT da MC enoZodwa Wabantu eYadini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa