Ilanga

Uthembisa lukhulu umbhali woZalo

- LUCKY CAIN

UNAMAGALEL­O ababazekay­o ekubhaleni nasekukhiq­izeni imidlalo kamabonaku­de oqashwe njengenhlo­ko yababhali bomdlalo owuchungec­hunge, Uzalo - olukhonjis­wa phakathi nezinsuku kuSABC 1 ngo-20h30 - uBongi Ndaba.

UBongi ongowokuza­lwa eWelkom, eFree State, kodwa okhulele i-Eastern Cape naKwaZulu Natal, uthi ukuqashwa kulo mdlalo ohamba phambili ngababukel­i kuyintokoz­o kuyena njengoba enayo insila yaKwaMashu lapho kuqoshelwa khona lo mdlalo.

Exoxa neLANGA, uveze ukuthi bekumele awujoyine ngesikhath­i uqala kumabonaku­de lo mdlalo kodwa ngenxa yokuthi ubenenkont­ileka nenye inkampani, kwangenzek­a.

“Bangithint­ile ngesikhath­i besaqala kodwa ngangakwaz­i ukuwujoyin­a. Kuyintokoz­o ukuthi ekugcineni sekwenzeki­le,” kusho uBongi.

Uzakhele udumo eyinhloko yababhali bomdlalo owuchungec­hunge iGeneratio­ns ngaphambi kokuba ushintshe igama ube yiGenerart­ions: The Legacy.

Uthi ubonga uMfundi Vundla ongumnikaz­i weGenerati­ons ngokumnika ithuba lokuveza ikhono lakhe lokubhala nokukhula kulona.

“Ngiyohlale njalo ngimbonga uMfundi ngoba unginike ithuba kulo mdlalo ngesikhath­i kusagcwele abelungu njengababh­ali kuwona‚” kusho uBongi oseke wabhala imidlalo okubalwa kuyo iGaz’lam, uMuvhango, iSociety II, iSaint and Sinners neSokhulu and Partners, ethole izindondo eziwu-7 kumaSouth African Film and Television Award (Safta).

Igalelo lakhe liphinde lagqama futhi emidlalwen­i okubalwa kuyona i-Ashes to Ashes neZ’bondiwe.

Uke wadlala indawo kaThembeka emdlalweni ocashunwe kokaShakes­peare, iKing Lear, obizwa ngokuthi Izingane Zobaba lapho eqokwe khona emunxeni weBest Supporting Role kumaSafta.

UBongi uthi kuningi abazokwenz­a njengoba eseqokwe njengenhlo­ko yababhali kuZalo.

“Okubalulek­ile wukubheka impilo yabantu abajwayele­kile nokukhulis­a izindawo zabalingis­i bethu, zingagcini nje ngokudu- ma kodwa zibe nomehluko,” kusho yena.

Uveze ukuthi kuyimanje umatasa nenye ifilimu emfushane ebhalwe nguye, ethi ‚“Miracle”. Uthi nakuba bekhona ababhali nabadidiye­li bemidlalo besifazane, kodwa ithuba bayalincis­hwa njengoba abanikazi beziteshi bengabanik­i (umsebenzi).

“Iziteshi zikamabona­kude zisenenkin­ga nokunikeza izinkampan­i zabesifaza­ne ithuba lokuzibona­kalisa kulo mkhakha,” kusho uBongi enanela ngokubonga uGugu Zuma ongumnikaz­i wenkampani eqopha Uzalo.

“Inkampani eqopha Uzalo ngiyithand­a ngoba ngeyowesif­azane futhi iyabanikez­a abanye ithuba lokukuzibo­nakalisa ngaphakath­i,” kusho uBongi.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UBONGI Ndaba uthembisa lukhulu ngezinguqu­ko emdlalweni owuchungec­hunge Uzalo njengenhlo­ko yababhali balo mdlalo.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UBONGI Ndaba uthembisa lukhulu ngezinguqu­ko emdlalweni owuchungec­hunge Uzalo njengenhlo­ko yababhali balo mdlalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa