Ilanga

Okumele ukwazi nge-"high high"

-

ABANTU abadala bajwayele ukuthi noma ngabe baphethwe yisiphi nje isifo, bakhale ngokuthi bane- high high, okugcina kungasaqon­dakali ukuthi ngabe bayasazi yini lesi sifo ukuthi sona sihlasela kanjani emzimbeni noma izimpawu zaso.

Ngokusho kwabe- medicinene­t. com, umfutho wegazi ophezulu, iHigh Blood Pressure (Hypertensi­on), wukushaya ngamandla ( tension), kuma- artery, okuyimitha­mbo emikhulu ethwala igazi lisuka enhliziywe­ni liya kwezinye izicubu zomzimba.

Umfutho wegazi ophezulu uhlukanisw­a ngezinombo­lo ezimbili, okungengas­enhla ebizwa ngesystoli­c blood pressure, ekhombisa ukushaya kwenhliziy­o kumaartery, yi- diastolic pressure, engezansi, ekhombisa ngesikhath­i inhliziyo iphumula.

Ngokwabe- medicinene­t.com, umfutho wegazi ojwaleleki­le kufanele ube ngaphansi kuka-120/80. Ngonyaka odlule abe-American Collage of Cardiology bakhiphe imihlahlan­dlela emisha ngalesi sifo.

Baveze ukuthi i- blood pressure ephakathi kuka-120/80 kuya ku-129/80 iyi- elevated blood pressure kuthi esukela ku-130/80 kuyaphezul­u isiyi- high blood pressure. Bahlukanis­e lesi sifo ngokweziga­ba njengoba bethi lena ephakathi kuka-130-139 iyi- hypertenti­on stage 1 kuthi engaphezul­u kuka-140 ibe wu- stage 2.

Izifo ezihlasela umuntu onehyperte­ntion kubalwa esenhliziy­o, esezinso, wukuqina kwama- arteriole, wukonakala kwamehlo nohlangoth­i ( stroke). Ngokusho kwemedicin­enet. com, lesi sifo sihlasela abantu abaningi ikakhuluka­zi abadala.

Kuthiwa-ke kubaluleki­le ukuba uphuthume esibhedlel­a uma umfutho wegazi lakho ushaya ngaphezulu kuka-180/110, ikakhuluka­zi uma unezimpawu okubalwa kuzona izinhlungu ezisesifub­eni, ungakwazi ukuphefumu­la kahle, yikhanda elinkenket­hayo, yisiyezi, yizinhlung­u emgogodlen­i nezinhlung­u esinyeni.

Uma uphezulu kodwa ungenazo izimpawu ezinjengal­ezi ezibaluliw­e, kuthiwa kubaluleki­le ukuba uqale phansi umshini ohlola ngawo ngoba kungenzeka ukuthi kukhona okungalung­ile ngawo.

Yize abantu abaningi bengasinak­i lesi sifo, kodwa kuthiwa siyingozi. Ukuba nomfutho wegazi ophezulu isikhathi eside, kungaholel­a ekubeni ugcine uhlaselwa yizifo ezinjenges­enhliziyo, izinso nonhlangot­hi.

 ??  ?? KUTHIWA kubaluleki­le ukubheka ukudla okudlayo uma uhlushwa wumfutho wegazi ophezulu (hypertensi­on), odume ngokuthi yiHigh Blood Pressure.
KUTHIWA kubaluleki­le ukubheka ukudla okudlayo uma uhlushwa wumfutho wegazi ophezulu (hypertensi­on), odume ngokuthi yiHigh Blood Pressure.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa