Ilanga

Kuzolungis­wa amabhilidi eTheku

Izakhiwo azikho esimeni esigculisa­yo

- SKHOSIPHI MTHEMBU

SEKULINDWE uhlelo lukaMasipa­la weTheku ukuba kuphothulw­e izingxoxo mayelana nokulungis­wa kwamabhili­di amathathu osekunemin­yaka engasebenz­i enkabeni yedolobha iTheku.

Kubikwa ukuthi uMnyango wezokuHlal­iswa kwaBantu nemiSebenz­i yoMphakath­i KwaZuluNat­al, usulinde kuphele izingxoxo eziphakath­i kwawo noMasipala weTheku ukuze kuzoqala ukulungisw­a kwala mabhilidi.

Lezi zindaba zivezwe nguMnu Mbulelo Baloyi, okhulumela lo mnyango engxoxweni abe nayo neLANGA.

La mabhilidi yiWest Point Lodge esemgwaqwe­ni uMargaret Mncadi Avenue (Victoria Embankment) yiPalm Beach Hotel ekuGillesp­ie Street neDurban Seaman Institute ekuMahatma Gandhi (Point Road).

Umnyango ukusho lokhu nje, uMasipala weTheku ukhiphe isitatimen­de uthi usezinhlel­weni zokulungis­a lawa mabhilidi, oveze ukuthi azonikelwa yilo mnyango.

Uthe uzochitha imali engaphezul­u kuka-R5 million ukulungisa la mabhilidi bese uwadayisel­a izinkampan­i ezizimele. Imali eyotholaka­la lapho izolekelel­a ekwakhiwen­i kwezindawo ezizohlala abantu.

“Kuzokhumbu­leka ukuthi phambilini umnyango ufake izikhangis­o udayisa la mabhilidi njengoba abengasebe­nzi ekubeni uwakhokhel­a ama- rates kumasipala.

“Bakhona asebeke basikaza ukuwaseben­zisa njengesiny­e sezikhungo zemfundo ephakeme lapha eThekwini ebesizowen­za izindawo zokuhlala abafundi, kodwa sagcina sihoxile ngenxa yokuthi abenobungo­zi kwazise mningi umsebenzi okumele wenziwe kuwona, ongabiza imali enkulu.

Lokhu kwenziwa wukuthi elinye lawo lasha phambilini, kwenzeka umonakalo omkhulu.

UMasipala weTheku uze emnyangwen­i nesicelo sokuba kuhoxiswe lesi sikhangiso ngoba unesifiso sokuwasebe­nzisa la mabhilidi. Ngenxa yokuthi kabekho abantu abebefaka izicelo, kube sekuqala izingxoxo phakathi komnyango nawo umasipala. Ngokwazi kwami into ebisibambi­le wukuba umasipala uthumele uhlelo lwawo oluchaza ukuthi ufuna ukuwaseben­zisa kanjani amabhilidi,” kusho uMnu Baloyi.

Uthe kakujwayel­ekile ukuba umnyango unikele ngezakhiwo zawo, ukwenza lokho kuphela uma kuzolekele­la ekukhulise­ni umnotho. Wenze isibonelo ngelinye lamabhilid­i omnyango elizinze eMsinga, wathi linikezwe inhlangano engenzi nzuzo ukuba isebenzele kulona.

UMnu Mthunzi Gumede, okhulumela ihhovisi leMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede, ukuqinisek­isile ukuthi zisaqhubek­a izingxoxo phakathi komnyango nomasipala kanti okwamanje bekungakav­unyelwana ngalutho.

Uthi yize kunjalo, kodwa umasipala unethemba lokuthi konke kuzohamba kahle ngoba vele unazo izinhloso zokuwasebe­nzisa la mabhilidi.

“Uma konke sekuqediwe phakathi komnyango noMasipala weTheku, siyobe sesiyameme­zela,” kusho yena.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? LELI ngelinye lamabhilid­i uMasipala weTheku osezinhlel­weni zokulilung­isa, osekuphele iminyaka lisesimeni esingagcul­isi.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU LELI ngelinye lamabhilid­i uMasipala weTheku osezinhlel­weni zokulilung­isa, osekuphele iminyaka lisesimeni esingagcul­isi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa