Kuzolungiswa amabhilidi eTheku
Izakhiwo azikho esimeni esigculisayo
SEKULINDWE uhlelo lukaMasipala weTheku ukuba kuphothulwe izingxoxo mayelana nokulungiswa kwamabhilidi amathathu osekuneminyaka engasebenzi enkabeni yedolobha iTheku.
Kubikwa ukuthi uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu nemiSebenzi yoMphakathi KwaZuluNatal, usulinde kuphele izingxoxo eziphakathi kwawo noMasipala weTheku ukuze kuzoqala ukulungiswa kwala mabhilidi.
Lezi zindaba zivezwe nguMnu Mbulelo Baloyi, okhulumela lo mnyango engxoxweni abe nayo neLANGA.
La mabhilidi yiWest Point Lodge esemgwaqweni uMargaret Mncadi Avenue (Victoria Embankment) yiPalm Beach Hotel ekuGillespie Street neDurban Seaman Institute ekuMahatma Gandhi (Point Road).
Umnyango ukusho lokhu nje, uMasipala weTheku ukhiphe isitatimende uthi usezinhlelweni zokulungisa lawa mabhilidi, oveze ukuthi azonikelwa yilo mnyango.
Uthe uzochitha imali engaphezulu kuka-R5 million ukulungisa la mabhilidi bese uwadayisela izinkampani ezizimele. Imali eyotholakala lapho izolekelela ekwakhiweni kwezindawo ezizohlala abantu.
“Kuzokhumbuleka ukuthi phambilini umnyango ufake izikhangiso udayisa la mabhilidi njengoba abengasebenzi ekubeni uwakhokhela ama- rates kumasipala.
“Bakhona asebeke basikaza ukuwasebenzisa njengesinye sezikhungo zemfundo ephakeme lapha eThekwini ebesizowenza izindawo zokuhlala abafundi, kodwa sagcina sihoxile ngenxa yokuthi abenobungozi kwazise mningi umsebenzi okumele wenziwe kuwona, ongabiza imali enkulu.
Lokhu kwenziwa wukuthi elinye lawo lasha phambilini, kwenzeka umonakalo omkhulu.
UMasipala weTheku uze emnyangweni nesicelo sokuba kuhoxiswe lesi sikhangiso ngoba unesifiso sokuwasebenzisa la mabhilidi. Ngenxa yokuthi kabekho abantu abebefaka izicelo, kube sekuqala izingxoxo phakathi komnyango nawo umasipala. Ngokwazi kwami into ebisibambile wukuba umasipala uthumele uhlelo lwawo oluchaza ukuthi ufuna ukuwasebenzisa kanjani amabhilidi,” kusho uMnu Baloyi.
Uthe kakujwayelekile ukuba umnyango unikele ngezakhiwo zawo, ukwenza lokho kuphela uma kuzolekelela ekukhuliseni umnotho. Wenze isibonelo ngelinye lamabhilidi omnyango elizinze eMsinga, wathi linikezwe inhlangano engenzi nzuzo ukuba isebenzele kulona.
UMnu Mthunzi Gumede, okhulumela ihhovisi leMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede, ukuqinisekisile ukuthi zisaqhubeka izingxoxo phakathi komnyango nomasipala kanti okwamanje bekungakavunyelwana ngalutho.
Uthi yize kunjalo, kodwa umasipala unethemba lokuthi konke kuzohamba kahle ngoba vele unazo izinhloso zokuwasebenzisa la mabhilidi.
“Uma konke sekuqediwe phakathi komnyango noMasipala weTheku, siyobe sesiyamemezela,” kusho yena.