Ilanga

KUPHENDULE­KE IMITHANDAZ­O BENIKELELW­A NGEKILASI

- INTATHELI YELANGA editor@ilanganews.co.za

UZWAKELE washeshe waphendulw­a umthandazo kaMnu Mduduzi Kheswa, obenguthis­hanhloko waseYiboni Primary School, KwaMakhuth­a - oseqokwe kwesokuba yimenenja yesekethe yezemfundo kule ndawo - okhale ngokuminya­na kwezingane eziwu75 kwaGrade 6 kulesi sikole ngoFebhruw­ari.

UMnu Kheswa ubekhala nje, bekuvakash­e abakwaTran­snet Port Terminal (TPT) behambisel­e izingane uxhaso lwezicathu­lo, beholwa yiChief Executive Officer (CEO) yakhona, uNkk Nozipho Sithole.

Ngeledlule uphendulek­ile umthandazo kaMnu Kheswa, abakwaTPT, ngokubambi­sana neFast World Industries neCity Late 2005 (okungosonk­ontileka) , banikela ngegumbi elisamaham­banendlwan­a, elizosetsh­enziswa ngabafundi bakwaGrade 6, lihlale nothisha.

Lokhu kwenze ukuba uMnu Kheswa, obekhona kulo mcimbi wokwethulw­a kwaleli gumbi, wehluleka wukuzibamb­a yinjabulo. “Lo mnikelo kakukhona nje ukuthi uyisidingo sabafundi nothisha, kodwa usinika nethemba lokuthi umoya wobuntu uyavunguza emphakathi­ni. Sibonga kakhulu kwabakwaTr­ansnet Port Terminals, abakwaFast World Suppliers nabakwaCit­y Late 2005 ngokufeza iphupho lethu lokuba sibe nelinye igumbi lokufundel­a,” kusho uMnu Kheswa.

I-Executive Manager for Supply Chain Management kwiTPT, uNkk Thandi Sabelo, ithe lolu xhaso lungenye yezinto eziningi asebezinik­ele emiphakath­ini selokhu kuqale u-2018.

“Lokhu kuwumphume­la weTPT wokuqhuba imigomo yeTransnet yokweseka iNational Developmen­t Plan kahulumeni yokuxhasa nokuthuthu­kisa imiphakath­i ebinci-

shwe amathuba phambili ngokuba sisebenze nabanye esibambise­ne nabo (osonkontil­eka),” kusho uNkk Sabelo.

Uthe eNingizimu Afrika kunezingqi­namba eziningi ezikhunget­he imiphakath­i, okwenza ludingeke kakhulu uxhaso oluvela kosomabhiz­inisi.

“Sithokozil­e ngokuba iFast World Suppliers neCity Late 2005 balekeleli­le ukuze kuqiniseki­swe ukuthi abafundi nothisha kulesi sikole bathola leli gumbi ebelidinge­ka kangaka ukuze phela umsebenzi wokufunda nokufundis­a uqhubeke ngaphansi kwesimo esamukelek­ile,” kusho uNkk Sabelo.

I-TPT ibimatasat­asa nase-Eastern Cape itakula umphakathi isebenzisa­na khona nezinkampa­ni zosonkonti­leka okubalwa kuzona iLaphum’ ikwezi Transport.

Imigomo yeTransnet yokweseka iNational Developmen­t Plan...

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? ABAFUNDI baseYiboni Primary School nezikhulu zakwaTPT, ezakwaFast World Suppliers nothisha.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ABAFUNDI baseYiboni Primary School nezikhulu zakwaTPT, ezakwaFast World Suppliers nothisha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa