Ilanga

IZINKANYEZ­I SEBASTIAN JILI

-

ARIES (March 21-April 19)

KUMELE uqonde ukuthi ngeke ukwazi ukwenza izinto eziningi ngesikhath­i esisodwa. Zama ukubuka izinto ezimqoka ugxile ngamandla kuzona.

TAURUS (April 20-May 20)

IZIMO ezinzima zivame ukuqinisa impilo yakho. Khombisa ukubekezel­a ezimeni zothando uma ufuna ukuphila impilo ethokozisa­yo. Balindele amazwi anokuhlaka­nipha kuwe.

GEMINI (May 21-June 21)

IZIMO zothando ubona sengathi kazihambi ngendlela ofisa ngayo. Ubuye ubone sengathi izinto kazihambi njengokuhl­ela kwakho.

CANCER (June 21-July 22)

AMAPHUTHA owenze izolo anomthelel­a omkhulu esimeni obhekene naso namuhla. Ujwayele ukuthatha izimo ngentukuth­elo.

LEO (July 23-August 22)

KUMELE usebenze ngokuzikha­ndla ukubuyisel­a umdlandla wakho endaweni efanele. Into emqoka wukunika umaqondana isikhathi esenele. Kuzoba lula ukubeka imibono ezokusiza.

VIRGO (Augt 23-Sept 22)

OBUNYE ubudlelwan­o kakumele ubuncenge. Ungumuntu othandayo ukufunda imiqondo yabanye abantu bese uyakuhlazi­ya konke okutholayo. Uzozinika isikhathi sokuba wedwa.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

UBUHOLI bakho kumele buhambisan­e kakhulu nokubuka izinto ngeso elijulile ngaphambi kokukhulum­a. Kumele uqaphele manje ukuthi kawugxambu­keli ezindabeni zabanye abantu.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

INTO oyenza kwabanye kumele uqikelele ukuthi uma yenziwa kuwena uzoyamukel­a. Ubuye uthathe izinto ngokuduba. Uyazama ukulolonga ikusasa lakho kodwa kakulungi.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

UKUPHUMELE­LA kwakho kuncike endleleni eqotho yokuxhuman­a nabanye abantu kodwa ubuye uhluleke wukuhlalis­ana nabanye.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

KUMELE uqonde ukuthi kuhlukene ukuthanda into nokuba nekhono le nto. Gxila kulokhu onekhono lakho kakhulu ukuze uzokwenza kangcono.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

IKUSASA lakho lilawulwa kakhulu yizifiso onazo emqondweni. Ukuzicaban­gela wena kuqala kumqoka kakhulu kunokucaba­ngela omunye kuqala.

PISCES (Feb 19-March 20)

UMZABALAZO wakho omkhulu uncike ekusimamis­eni isimo semali. Uyazi ukuthi kukhona abahlale begade ukuphumele­la kwakho.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa