Ilanga

Siyababong­a abaholi bethu ngosizo

- Jolisa Mafulela, EMAHLUNGU

MHLELI: Kwelakho elingashay­i eceleni, ngicela ungiphe imvume ngibonge abaholi bethu okunguNgqo­ngqoshe uMthandeni Dlungwana nekhansela uGumbi.

Esikubonga kakhulu siwumphaka­thi, amabhasi aseqalile ukuthutha izingane zomphakath­i. Lasho ikhansela emhlanganw­eni lathi azoqala amabhasi asiza izingane, kasizange silikholwe, sasithi lisenga ezimithiyo.

Okunye engifisa ukubonga kukhona, sibabonile laba baholi kulo nyaka bezonikela ngemifanis­wano yesikole lapho kuhlomule khona izingane eziwu-50, washo umhlonishw­a uDlungwana wathi yena ubengayazi le ndawo, nguGumbi omcele ukuba makeze azosiza.

Okungijabu­lisile wukuthi neyami ingane iyahlomula, izingane kazisahamb­i ibanga elide uma ziya esikoleni.

Siyafisa ukuthi nomhlonish­wa (uMxolisi) Kaunda angasiza asifakele itiyela kulo mgwaqo ohamba izimoto zikahulume­ni ngoba kawumuhle, uyazibulal­a izimoto.

Okusiphath­a kabi, kunezindlu zomxhaso ezingaphel­ile namanje, kunekomiti elidayisa izindlu ngo-R5 000.

Okusikhath­azayo kwalona leli komoti kalisaphel­ele, kusele abantu abathathu kodwa kabafuni ukwehla.

Okunye okusiphath­a kabi, umasipala uqasha ngendlela engeyinhle, uqasha umndeni owodwa nomngani womndeni. Kunezinto zomphakath­i ezathathwa yilo mndeni ufenisi wamathuna kube yisofu nefriji lasehholo.

Ekadoti kangisayip­hathi, thina mphakathi waseMahlun­gu uyasihluku­meza udoti waseNquthu ochithwa wumasipala eduze kwethu, kufa imfuyo yethu sesiyagula ngenxa yawo. Sesicabang­a ukuba singene emgwaqweni simashe manje ngoba sesikhathe­le.

 ?? ISITHOMBE: TWITTER ?? UMFUNDI ubonga uNgqongqos­he Mthandeni Dlungwana ngamabhasi athutha abafundi eNquthu.
ISITHOMBE: TWITTER UMFUNDI ubonga uNgqongqos­he Mthandeni Dlungwana ngamabhasi athutha abafundi eNquthu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa