Siyababonga abaholi bethu ngosizo
MHLELI: Kwelakho elingashayi eceleni, ngicela ungiphe imvume ngibonge abaholi bethu okunguNgqongqoshe uMthandeni Dlungwana nekhansela uGumbi.
Esikubonga kakhulu siwumphakathi, amabhasi aseqalile ukuthutha izingane zomphakathi. Lasho ikhansela emhlanganweni lathi azoqala amabhasi asiza izingane, kasizange silikholwe, sasithi lisenga ezimithiyo.
Okunye engifisa ukubonga kukhona, sibabonile laba baholi kulo nyaka bezonikela ngemifaniswano yesikole lapho kuhlomule khona izingane eziwu-50, washo umhlonishwa uDlungwana wathi yena ubengayazi le ndawo, nguGumbi omcele ukuba makeze azosiza.
Okungijabulisile wukuthi neyami ingane iyahlomula, izingane kazisahambi ibanga elide uma ziya esikoleni.
Siyafisa ukuthi nomhlonishwa (uMxolisi) Kaunda angasiza asifakele itiyela kulo mgwaqo ohamba izimoto zikahulumeni ngoba kawumuhle, uyazibulala izimoto.
Okusiphatha kabi, kunezindlu zomxhaso ezingaphelile namanje, kunekomiti elidayisa izindlu ngo-R5 000.
Okusikhathazayo kwalona leli komoti kalisaphelele, kusele abantu abathathu kodwa kabafuni ukwehla.
Okunye okusiphatha kabi, umasipala uqasha ngendlela engeyinhle, uqasha umndeni owodwa nomngani womndeni. Kunezinto zomphakathi ezathathwa yilo mndeni ufenisi wamathuna kube yisofu nefriji lasehholo.
Ekadoti kangisayiphathi, thina mphakathi waseMahlungu uyasihlukumeza udoti waseNquthu ochithwa wumasipala eduze kwethu, kufa imfuyo yethu sesiyagula ngenxa yawo. Sesicabanga ukuba singene emgwaqweni simashe manje ngoba sesikhathele.