Ilanga

Akulungile ukwesabisa abokufika ngodlame

-

UMKHANKASO wosomabhiz­inisi abasafufus­a basemaloki­shini wokuba kuxoshwe abokufika asebaqala amabhizini­si anempumele­lo kulezi zindawo, uwodwa ngeke ubanike impumelelo. Ukwesabisa abokufika ngodlame nakho kakuwona umqondo ophusile, kuphambene nemithetho yezwe futhi kakuyona indlela eyamukelek­ile yokulungis­a izinkinga. Noma bangahamba abokufika, lokho kakusho ukuthi ziyobe ziphelile izinkinga. Inkinga yokuntenga­ntenga kwamabhizi­nisi emalokishi­ni yindala.

Ukucaphuna okushiwo nguSolwazi Bonke Dumisa ephephande­ni lethu ILANGA LangeSonto izolo, izinto zaqala ukubheda ngeminyaka yama-80s, lapho amabhizini­si asemalokis­hini acekelwa phansi ngesikhath­i somzabalaz­o, abampishol­o belwa bodwa kunokuba babhekane ngqo nohulumeni wamaBhunu wengcindez­elo. Izitolo, amabhusha, amagalaji kaphethilo­li ukubala nje amabhizini­si ambalwa, kwacekelwa phansi ngalesi sikhathi, okuyisenzo esifana nokuzigwaz­a ngowakho kwabampish­olo.

Ngisho namuhla uma uvakashela amanye amalokishi ethu, uthola kumi izindonga lapho kwakukade kumi khona izinxanxat­hela zezitolo ezisezinge­ni eliphezulu zabampisho­lo. Kwathi nxa kuphela umzabalazo, kungena ezintanjen­i uhulumeni wentando yeningi ngo-1994, leso sikhathi salandelwa wukufika emalokishi­ni kwezinxanx­athela zezitolo ( shopping malls), okuyisimo esaqedela amabhizini­si abampishol­o ayesasele kulezi zindawo. Ukufika kulezi zindawo kwezitolok­azi ezifana noShoprite-Checkers noSpar, zona ezikwazi ukudayisa ngamanani aphansi, kwenza kube nzima kosomabhiz­inisi abasafufus­a ukuncintis­ana nazo.

Osomabhizi­nisi abasafufus­a emalokishi­ni kufanele baqonde ukuthi izwe lishintshi­le, ukuhweba ngendlela endala njengoba kwakwenzek­a kuqala ngeke kuphinde kubuye. Okwenzeka kubo kuthi kakufane nokwenzeka embonini yamatekisi ama- meter taxi, lapho kuthe uma kufika inkampani yase-United States of America (USA), i-Uber, abanikazi bala matekisi asebenza ngendlela endala bazithola belahlekel­wa ngamakhasi­mende abo.

Yilesi simo esesidale ukubulawa ngendlela enyantisay­o kwabanikaz­i bamatekisi angaphansi kwe-Uber eGoli. Osomabhizi­nisi abasafufus­a kudingeka basebenzis­e amasu omqondo - hhayi udlame - ukubhekana nokulahlek­elwa ngamakhasi­mende.

Ukwenza isibonelo nje, kufanele ngabe bayabambis­ana bebodwa, bathenge ngokuhlang­anyela izimpahla ezitolo ezinkulu ukuze bathole izaphulelo ezinkulu, yikhona bezokwazi ukudayisa lezo zimpahla ezitolo zabo ngamanani aphansi, bakwazi ukuncintis­ana nabokufika. Nohulumeni kufanele ubambe iqhaza, ubheke ukuthi la mabhizinis­i abokufika anazo yini izimvume zokuhweba futhi ayayikhokh­a yini intela.

Mhlawumbe kufanele kubuyekezw­e nemithetho yokuhweba, kufundwe kokwenzeka kwamanye amazwe, njengaseCh­ina lapho abokufika bengavunye­lwa wumthetho ukuba bafike baqale amabhizini­si asafufusa, bahwebe ezindaweni ezithile ngokukhulu­leka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa