BENZA IPHUTHA NGEZINQUMO BEBODWA
MHLELI: Ngicela isikhala ngibeke umbono wami maqondana nenkinga abafowethu nodadewethu ababhekene nayo ngesimo sokuhweba ezindaweni ezisenyakatho yeTheku, kungebona bodwa, nezwe jikelele.
Lokhu ngikuzwe oKhozini FM ngo06:00 kuya ku-06:30 ekuseni kwezanamuhla, mhlaka-18 kule nyanga. Ngokwami kunephutha elenziwa ngabaholi bethu bezepolitiki, ngesikhathi kusalwiwa nabacindezeli kasitshelwanga amaqiniso ngenkululeko.
Okokuqala; satshelwa ngenkululeko nobuhle bayo, okwesibili; ububi, izingqinamba, izinselelo eziza nayo asizange sitshelwe ngazo, okwesithathu; ngesikhathi besekudingisweni sasazi ukuthi basezinkanjini zalawo mazwe ayebakhoselisile.
Okusho ukuthi babengababhaci, refugees ngolwasemzini, okwesine; kabakaze basitshele ukuthi basebehweba besekudingisweni, okwesihlanu; kabakaze basitshele ngezivumelwano abazenza namazwe ababekhoseliswe kuwona egameni labantu baseNingizimu Afrika.
Kube wukukhululeka kwelengabadi, kwaba negama noma inkulumo eyathi iNingizimu Afrika ngeyabo bonke abahlala kuyona. Ukuthi lalisho ukuthini, kakuzange kucaciswe lokho. Emuva kwaleyo nkulumo, kwatheleka bonke abantu besuka emazweni ase-Afrika nase-Europe. Kwenzeka konke lokhu kasikaziboni izithelo zenkululeko, sasisanambitha, singakadli izithelo zomzabalazo wethu.
Batheleka nje laba bantu kasikazi lutho ngokuhweba okukhululekile nokuncintisana ngokuhweba, bona basebazi kabanzi ngalesi simo kanti nokuqeqeshwa emikhakheni ehlukene kwezempilo thina kasikutholanga, lokhu osekusidalela izinkinga namuhla.
Uma ngingaphosisi, kalikho izwe emhlabeni jikelele elenza iphutha elenziwa yiNingizimu Afrika ngokuba lithi liqeda ukuthola inkululeko bese livula amasango/imingcele gengelezi, kube wuthela wayeka kuhle koThukela lungenisa.
Elinye lamaphutha enziwa ngabaholi bethu wukuthatha izinqumo bodwa thina singasaziwa nokuthi siyini ezweni lokhokho bethu. Elesibili laba bantu bokufika bangena kwelengabadi njengababhaci, okuthe gwiqiqi banikezwa amalungelo okuhweba, banezinhlangano zabo ezilwela amalungelo abo kwelengabadi.
Kasazi-ke noma abaholi bethu bona babenawo yini la malungelo angaka ekudingisweni. Ngesikhathi la mazwe ekhululeka, kasizange silishiye elokhokho/elengabadi sahlala sabhekana ngqo nomcindezeli, ngisho nangesikhathi sodlame lwezepolitiki sahlala sabhekana nalo lwaze lwaphela.
Mhleli ngicela bangangizwa kabi abafowethu nodadewethu, kuphela ngihlushwa yisililo sezingane zakwethu izithukuthuku zazo eseziphelele eboyeni kuhle kwezenja, sezithathiswa okweziwula zibe zingahlonyiswanga ngezikhali ezifanele ukubhekana nempi yezomnotho ezweni elikhululekile. Kangibazondi abafowethu nodadewethu bokufika kuphela ubulungiswa abaholi abangabanga nabo.
Uma abengabadi isililo sabo sisahlukumeza okhokho bethu emalibeni, bengakutholi ukuphumula, ngeke sibuzwe ubumnandi benkululeko, nokuthula ngeke kubekhona ezweni.
Iqiniso lithi enethunga kayisengeli phansi. Ngeke uthi ngoba umakhelwane wakusiza wakukhoselisa nezingane zakho nidilikelwe yindlu bese uba yisigqila sakhe kunoma yini oyenzayo.
Mangibonge Mhleli, uma kukhona abanyatheleke amakhona ngombono wami yobe, kangiqonde bubi kuphela siyavusana singaze siduke.
Phela okhokho balilwela leli lizwe, izimpi abazilwa nabacindezeli zisakhunjulwa nanamuhla ngokunjalo nabo kusengelabo, makungaqhakanjiswa ipolitiki kuphela. Igazi labo lisakhuluma nanamuhla.