Ilanga

Sisazoshub­a kakhulu isimo sezimali komasipala bakuleli

Lo mbiko ukhombisa omasipala abenza kahle nalabo abenza kabi

- SAZI KASIPHO MAJOLA

KUNGASE kube nzima ukuhlinzek­a umphakathi ngezidingo komasipala abawu-100 abakhulu baseNingiz­imu Afrika ngenxa yenkinga yemali.

Lokhu kuvezwe yiRatings Afrika embikweni wayo, iMunicipal Financial Sustainabi­lity Index, ngeledlule. Lo mbiko wale nhlangano ecubungula isimo somasipala abawu-100 bakuleli - ukhombisa omasipala abenza kahle nabenza kabi.

Umhlaziyi wakwaRatin­gs Afrika, uMnu Leon Claassen, uthi kuzodingek­a u-R22.4 billion kuhulumeni omkhulu ukutakula labo masipala. Lo mbiko uphuma nje, iPhalamend­e belisanda kuveza ukuthi kunomasipa­la abawu-10 abakweleta u-Eskom imali kagesi elinganise­lwa ku-R10 billion.

Labo masipala yiMaluti A Phofung ekweleta u-R2.8 billion, yiMatjhabe­ng – R1.6-billion neNgwathe - R936-million (bobathathu ngabaseFre­e State); eMalahleni - R1.6-billion, Govan Mbeki - R517-million, Lekwa - R491millio­n neThaba Chweu - R431millio­n (bonke ngabaseMpu­malanga); Emfuleni - R606-million (owaseGaute­ng); Ditsobotla - R293millio­n neNaledi - R280-million (okungabase­North West).

Okushayisa ngovalo wukuthi umbiko uveza ukuthi nonyaka inqwaba yomasipala abakhulu (ngokwezind­awo zabo) basenkinge­ni enkulu yemali.

“Inkinga lapha iqala uma ibhajethi ingahlelwa kahle nemali ingasetshe­nziswa ngendlela efanele, lokho kugcina sekwenza izindleko zikamasipa­la ziqonge zidlule imali onayo,” kusho isitatimen­de seRatings Afrika.

Komasipala abawu-100, bawu-22 kuphela abasebenze kahle ngakwezema­li, kanti abawu-78 kabenzanga kahle.

Uma behlangene laba abenze kahle, benze inzuzo ka-R1 billion kanti laba abawu-78 balahle u-R15.3 billion, ngokusho kweRatings Afrika. Komasipala abawu-8 abangama- metro, yiCape Town neTswane kuphela abenze inzuzo ka-R3.36 billion no-R730 million ngokwahluk­ana. Laba abanye abawu-6 balahle u-R5.14 billion behlangani­siwe.Ngokwezifu­ndazwe, iWestern Cape - ephethwe yiDemocrat­ic Alliance (DA), iqhubekile nokuzihola selokhu igudluze iKwaZulu-Natal eqhulwini ngo-2016/17.

IWestern Cape ithole amaphuzu awu-62 kanti iKwaZulu-Natal ithole awu-54. IFree State yiyona ebambe ibhuleki ngamaphuzu awu-19, okuyindawo eqale ukuhlala kuyona kusukela ngo2013/14.

Sezizonke izifundazw­e ngokwamaph­uzu, zimi kanje: iWestern Cape - 62, KwaZulu-Natal 54, Limpopo - 42, Northern Cape - 40, Eastern Cape - 36, Gauteng - 30, Mpumalanga - 28, Northern West - 23, Free State - 19.

NgokweRati­ngs Afrika, ngisho nomasipala abenze kahle kulo nyaka, bathande ukwehlelwa yizinga njengoba bebathathu kuphela abathole amaphuzu angaphezu kuka-80 uma kuqhathisa nabawu-9 abawathole ngo2012. UMasipala waseMossel Bay nowaseSwar­tland - okungabase­Western Cape - bathola amaphuzu awu-84.

Ngokwezifu­ndazwe, naba omasipala abenganzan­ga neze kahle; e-Eastern Cape - Inxuba yeThemba (eCradock) = 14, eFree State - Matjhabeng (eWelkom) = 9, eGauteng - Emfuleni (Vereenigin­g) = 17, KwaZulu-Natal - Newcastle = 21, eLimpopo - iModimolle (Nylstroom) = 9, eMpumalang­a - iLekwa (eStanderto­n) = 9, eNorthern Cape - Gamagara (Kathu) = 24, North West - Madibeng (eBrits) = 6, eWestern Cape - Kannaland (eLadismith) = 25.

Abenze kahle; e-Eastern Cape - Senqu (eLady Grey) = 79, eFree State - Metsimahol­o (eSasolburg) = 33, eGauteng - Midvaal (Meyerton) = 68, KwaZulu-Natal - Greater Kokstad = 76, eLimpopo - Fetakgomo Tubase (Burgerfort) = 61, eMpumanala­nga - Steve Tshwete (Middleburg) = 77, Northern Cape - Sol Plaatje (Kimberly) = 78, eNorth West - JB Marks (Potchestro­om) = 57, eWestern Cape Mossel Bay neSwarland = 84.

ITheku okuwumasip­ala owumgogodl­a weKwaZulu-Natal, lithole amaphuzu awu-54 uma kuqhathani­swa nawu-64 eliwathole ekuklelisw­eni okwedlule kwango-2016. “Ngenxa yesimo esibi semali komasipala abawumgogo­dla eNiningizi­mu Afrika, sibona ukuthi ukuthunyel­wa kwezidingo emphakathi­ni kuzothanda ukuba nezinkinga.

Njengamanj­e omasipala babhekene nenkinga enkulu yemali. Ukulungisa lesi simo kuzodinga ubuholi bezepoliti­ki obuqotho, obunendaba nomphakath­i hhayi izisu zabo. Ubuholi obukhona njengamanj­e komasipala abaningi, bukhombise kusukela eminyakeni engaphezu kwewu-5 edlule ukuthi kabunalo uholo oluqotho. Yisona sizathu-ke lesi esiholele ekubeni omasipala babhekane nenkinga yemali eNingizimu Afrika,” kusho isitatimen­de seRating Afrika.

Umthombo ngabe: Business Tech; Moneyweb.co.za; Ratings Afrika

 ?? ISITHOMBE NGABE: SABC ?? ITHEKU eliholwa yimeya, uNkk Zandile Gumede, yize kungekubi kangako kulona kodwa libalwa nomasipala abangama-metro abangenza kahle.
ISITHOMBE NGABE: SABC ITHEKU eliholwa yimeya, uNkk Zandile Gumede, yize kungekubi kangako kulona kodwa libalwa nomasipala abangama-metro abangenza kahle.
 ?? ISITHOMBE NGU: ANDILE MOSHOESHOE ?? UMASIPALA waseGreate­r Kokstad oholwa nguMnu Bheki Mtolo, yiwona ohamba phambili ngokwenza kahle KwaZulu-Natal ngokombiko weRatings Afrika ophume ngeledlule.
ISITHOMBE NGU: ANDILE MOSHOESHOE UMASIPALA waseGreate­r Kokstad oholwa nguMnu Bheki Mtolo, yiwona ohamba phambili ngokwenza kahle KwaZulu-Natal ngokombiko weRatings Afrika ophume ngeledlule.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa