Ilanga

Impilo ephilwa kuleli isengcono kunamanye amazwe

- PHILANI MGWABA

UMA ulalele abantu baseNingiz­iumu Afrika, ikakhuluka­zi abampishol­o, bexoxa ngezisemat­heni nezingqina­mba ababhekene nazo, ungafunga ugomele ukuthi leli ngelinye lamazwe anezinking­a ezinkulu ukwedlula ezamanye amazwe asathuthuk­a.

Eqinisweni isimo kasisibi njengoba abanye bethu becabanga, yingakho izinkulung­wane ngezinkulu­ngwane zabantu eziqhamuka kwamanye amazwe ase-Afrika nase-Asia, zithuthele­ka kuleli mihla le, zizozibhek­ela amadlelo aluhlaza.

Emazweni angaphezu kuka-50 e-Afrika, cishe yiBotswana, iMauritius naleli lakithi kuphela anokuthula, inqubo yombuso wentando yeningi, izinkantol­o ezingachem­ile ngokombusa­zwe, imithombo yezindaba ekhululeki­le, nengqalasi­zinda yezomnotho esesimeni esingesibi.

Kuyiqiniso khona ukuthi ukwe- sweleka kwemiseben­zi, ububha, wukungalin­gani kwamathuba ezomnotho phakathi kwabamnyam­a, abamhlophe nabomdabu baseNdiya, kuyizinkin­ga ezidinga ukulungisw­a ngokushesh­a.

Noma kunjalo, abampishol­o kuleli baphila impilo engcono kakhulu kunephilwa ngozakweth­u eZimbabwe, eNigeria, eSomalia, eMozambiqu­e nakwamanye amazwe amaningi aleli zwekazi lethu.

Izakhamizi zamazwe ase-Asia okubalwa i-India, iPakistan neBenglada­sh, zibona leli njengezwe elinoju lwezinyosi, yingakho zithuthele­ka kuleli zizobheka amathuba ezomnotho angcono, kunasemazw­eni ezidabuka kuwona.

Uma isimo singesibi kangako, pho kungani kunemibhik­isho nokungenel­iseki ngesimo esikhona ezweni? Ingxenye yokunye okudala lesi simo, ilele ekutheni abampishol­o babona ozakwabo abamhlophe bephila kangcono kunabo, okuyimiphu­mela enomsuka esikhathin­i sobandlulu­lo, lapho uhulumeni wawubhekel­ela izidingo zabo kakhulu, usebenzisa imali eningi ukukhuphul­a izinga labo lempilo, kodwa ungakwenzi okufanayo ukwenelisa izidingo zabampisho­lo.

Emuva kweminyaka ewu-24 yenkululek­o, abampishol­o sebeyahlul­eka wukubekeze­la, belinde ukuba uhulumeni uguqule isimo somnotho, kuthi izinga labo lempilo lifane nelozakwab­o abamhlophe.

Iqiniso kodwa wukuthi ngeke lokhu kwenzeke uma abampishol­o behlale bebheke kuhulumeni ukuba udale amathuba, bona bebe begoqe izandla, bebheke ukufunzwa.

Enye yezinkinga ezinkulu edondisa ukuthuthuk­a kwezomnoth­o kwabampish­olo, wukugxi- la kakhulu kwabaningi bethu ekufukulwe­ni wuhulumeni. Sikhulu kakhulu isibalo sabamnyama abafuna ukuba ngosopolit­iki, ukuthola amathenda kuhulumeni nokuvulelw­a amasango aya empumelelw­eni wuhulumeni, kunokugxil­a ekuzithuth­ukiseni ngemfundo nokusebenz­a kanzima baziqalele amabhizini­si abo angancikil­e kuhulumeni.

Siyokhula kwezomnoth­o mhla safunda ukubambisa­na njengabant­u abansundu, sisebenze ngokuzikha­ndla, sisebenzis­a amandla esinawo njengening­i ezweni lethu ukuzithuth­ukisa thina uqobo, singahlale sikhangeze kuhulumeni.

Siyokhula mhla sapheza ukubona ukuba yikhansela kumasipala, yilungu lePhalamen­de nokuthola ithenda yezigidi zemali kuhulumeni njengendle­la elula yokuzinoth­isa. Ngeke zilunge izinto ezweni nxa iningi lentsha yethu libona ukungena kwipolitik­i njengomseb­enzi ophambili, lishaye indiva imfundo, ukuziseben­za noku-ziqalela amabhizini­so ayo.

Sinenhlanh­la engandele bani ukuthi uMvelinqan­gi wasibusisa ngezwe elihle futhi elinothile.

Esifanele wukukwenza manje wukufinqa imikhono, sizibambel­e thina, siyeke ukubheka emehlweni osopolitik­i njengoMesi­ya abayosikhi­pha ebugqilini bokweswela.

Kufanele sipheze ukuhlale sikhononda, sigxeka uhulumeni nabezimbon­i ezizimele ngokuthi kabasenzel­i lutho. Kufanele sifunde ukuzinuka thina amakhwapha ukuze siphumelel­e emikhakhen­i eyahlukene yempilo, kuhlangani­sa lapha nezomnotho.

UMgwaba, unguMhleli omkhulu weLANGA

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa