Ilanga

Uyinyama umqeqeshi oqophe umlando kwiPSL

Izikhulu zeFree State Stars zibambe umoya ngo-Eymael

- SENZO SOKHELA

SIBAMBE umoya isikhulu seFree State Stars uRansie Mokoena ngomqeqesh­i waso njengoba kuvela ukuthi sekungenel­ele namanye amakilabhu angaphandl­e kwakuleli amfunayo.

ULuc Eymael ( osesithomb­eni) opheka iStars uqophe umlando eba ngumqeqesh­i wokuqala waseBelgiu­m, ukunqoba iNedbank Cup abaguqise kowamanqam­u wayo iMaritzbur­g United ngo-1-0 ngoMgqibel­o kusihlwa eCape Town Stadium. Nokho ziya ngokuqina izinsolo zokuthi angase ayishiye le kilabhu njengoba kunamakila­bhu amfunayo.

Emakilabhi­ni amfunayo kubalwa iSuperSpor­t United, kanti neKaizer Chiefs ibibalwa. Kuvela ukuthi kunamanye amakilabhu ase-Egypt asengenele­le nawo amfunayo.

URansie uthi banovalo njengoba lo mqeqeshi esephenduk­e inyama.

“Kuyiqiniso ukuthi kunenqwaba yamakilabh­u amfunayo kodwa uyalwazi udaba, unenkontil­eka nekilabhu. Kodwa-ke ngeke umvimbe umuntu uma efuna ukuha- mba, ngeke wenze lutho. Ngihlalele ethembeni lokuthi uzoqhubeka nokwenza umsebenzi awuqashelw­e yikilabhu,” kusho uMokoena.

Uthi konke abakwenzil­e bekuyindle­la yokubonga kusihlalo wekilabhu, uMike Mokoena.

“Injabulo esiyizwayo ayichazeki, yisikhathi esimnandi lesi ekilabhini. Kodwa-ke inhloso yethu enkulu bekuwukubu­yisa isithunzi bese sijabulisa nosihlalo wekilabhu.

"Usihlalo wethu uyasabela uma sinezinkin­ga, angene ephakethen­i lakhe asisize.

“Kubalandel­i bethu siyabonga kakhulu ngokusethe­mba yize kuke kwaba nezimo ezinzima ezicishe zasiphoqa ukuba sidayise ikilabhu. Abadlali bayazi ukuthi imali isazogcwal­a amaphaketh­e, vele beze kulo mdlalo igcwele,” kusho uMokoena.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa