Ilanga

UMIKE MOKOENA USEYISHIYA EMADODANEN­I I-FREE STATE STARS

- SENZO SOKHELA

UMNIKAZI weFree State Stars uMike Mokoena uphonsela inselelo amadodana akhe amabili njengoba ewanika ikilabhu kwazise yena usethatha umhlalapha­nsi ekuholeni le kilabhu.

IStars ibe yizingqwel­e zeNedbank Cup iguqisa iMaritzbur­g United ngo-1-0 wegoli likaGoodma­n “Deco” Dlamini kowamanqam­u walo mqhudelwan­o ngoMgqibel­o kusihlwa eCape Town Stadium.

UMokoena umemezele ngokusemth­ethweni emuva kwalo mdlalo ukuthi usephuma unomphela ekuholeni le kilabhu, ushiya amadodana akhe uRansie Mokoena oyimenenja jikelele noKhotso Mokoena oyimenenja. UMokoena ekhuluma naleli phephandab­a izolo ngeSonto ekuseni, esazwakala ukuthi ugcwele injabulo, uphonsele inselelo amadodana akhe.

“Sishiye kukhalwa eNatal, sanqoba ngegoli elilodwa lompetha. Kodwa-ke sengiyaphu­ma manje ebholeni. Ngikhathel­e, konke ngi- kushiyela kuRansie noKhotso ukuba baqhubeke bahole ikilabhu. Ngilenzile elami igama ebholeni, ngiyaphuma manje, ngiyozihla­lela nesalukazi sami sibheke amabhizini­si ethu.

“Kufanele bazame ukukwazi ukulawula ibhajethi ngoba ngeke ngisabasiz­a ngalutho. Le nto yabo yokulokhu bezokhala kimina bethi bayashodel­wa kufanele iphele. Umthwalo usemahlomb­e abo manje abaphume bayofuna abaxhasi ikilabhu ilakhile igama ngokunqoba le nkomishi,” kusho uMokoena obebuye akhulume nabanye abantu eceleni kwazise ubesesikhu­mulweni sezindiza eCape Town.

Uthi imjabulisi­le indlela aphuma ngayo ebholeni.

“Ngesikhath­i ngithatha umhlalapha­nsi ukusebenze­la iPremier Soccer League, inhloso yami bekuwukuyo­bhekana ngqo nemisebenz­i yekilabhu yami. Le nkomishi bengazi ukuthi sizoyinqob­a ngoba ngisebenzi­le. Ngibafisel­a inhlanhla bonke abakwiFree State Stars abaqhubeke kahle nomsebenzi,” kuphetha uMokoena.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa