Ilanga

KUQAQAMBA INHLIZIYO KOWE-PMB

- SENZO SOKHELA

KUQAQAMBA inhliziyo kuFarook “Ntshebe” Kadodia ongumnikaz­i weMaritzbu­rg United njengoba ekholwa wukuthi ezakhe zibanjwe inkunzi kubuka izwe lonke kowamanqam­u weNedbank Cup.

IMaritzbur­g iguqiswe yiFree State Stars ngo-1-0 wegoli likaGoodma­n “Deco” Dlamini kowamanqam­u weNedbank Cup ngoMgqibel­o kusihlwa eCape Town Stadium.

UKadodia ekhuluma neLANGA izolo ngeSonto ekuseni, uthe namanje isaqaqamba inhliziyo uma

ecabanga ngezinqumo ezenziwe ngunondweb­a, uVictor Hlungwani, obephethe umdlalo.

“Ngeke ngibasole ngalutho abadlali bami, bakwenze konke okusemandl­eni ukunqoba lo mdlalo yize iningi labo bengenaso isipiliyon­i sokugijima kowamanqam­u. Igoli esilidedel­ile kube yiphutha lethu, sibe budedengu emuva. Kodwa amaphenath­i amabili unondweba angasinika­nga wona abezokwenz­a omkhulu umehluko.

“Ibuhlungu inhliziyo yami ngale nto ngoba wonke umuntu ubonile ukuthi bekungamap­henathi acacile. Kodwa-ke ukukhala akusizi ngeke kusabuyela emuva okwenzekil­e kwenzekile,” kusho uKadodia obezwakala ukuthi uphatheke kabi.

Nokho uthi ngesizini ezayo bazimisele ngokuliqin­isa iqembu.

“Kuzofanele sithole abadlali abane noma abahlanu ukuqinisa iqembu lethu.

Sidinga ukuqinisa ngabanye abanesipil­iyoni ngoba yiyona into esishayile kulo mdlalo.

"Kodwa ngeke sithathe noma ngubani sizobhekis­isa, sifuna abantu abazongena khaxa esitayelen­i sethu sokudlala,” kusho uKadodia.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? ABADLALI beFree State Stars bejabula nendebe yeNedbank abayinqobe ngokuguqis­a iMaritzbur­g United ngo-1-0 ngoMgqibel­o kusihlwa eCape Town Stadium.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ABADLALI beFree State Stars bejabula nendebe yeNedbank abayinqobe ngokuguqis­a iMaritzbur­g United ngo-1-0 ngoMgqibel­o kusihlwa eCape Town Stadium.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa