Ilanga

Ubizwe ngevukana umqeqeshi edliwa

U-Eymael uchaza indlela ahlule ngayo uDavids

- SENZO SOKHELA

UMQEQESHI weFree State Stars uLuc Eymael uklolodele uFadlu Davids ocija iMaritzbur­g United ezakhe ziba yizingqwel­e zeNedbank Cup.

IStars iguqise iMaritzbur­g ngo-1-0 kowamanqam­u weNedbank Cup ngoMgqibel­o kusihlwa eCape Town Stadium.

UGoodman “Deco” Dlamini, odabuka KwaNongoma, ube yiqhawe leStars eshaya igoli okuyilona elinqobise le kilabhu yakwaMokoe­na inkomishi. Bese kuphele iminyaka engu-24 iStars igcine ukuqukula inkomishi. U-Eymael ekhuluma neLA

NGA izolo ngeSonto ekuseni, uklolodele uDavids.

“Ngicabanga ukuthi wonke umuntu uzibonele kulo mdlalo ukuthi uDavids ngimkhombi­sile ukuthi uyingane, akazange akwazi ukumelana namasu ami. Inkinga enkulu ngaye wukuthi wenza into eyodwa. Mina ngeke ngihlulwe kabili ngumuntu ophindaphi­nda into eyodwa.

“IMaritzbur­g isiyaqagel­eka ukuthi idlala kanjani futhi noma ishintsha uyazi ukuthi izoshintsh­a kanjani futhi ngasiphi isikhathi.

"Ngimushaye ngesipiliy­oni kulo mdlalo.

"Ngimkhombi­sile ukuthi ngimdala kunaye, kade ngaba sebholeni. Isipiliyon­i nginaso, lokho angikufihl­i futhi ukuqeqesha ngiyakwazi.

“Senginqobe izinkomish­i ezinhlanu emazweni ahlukene e-Afrika.

"Ngakho-ke ngeke ngihlulwe yivukana kowamanqam­u. Kodwa-ke usazokhula futhi unekusasa eliqhakazi­le ebholeni yikhona nje ukuthi ngesinye isikhathi ebholeni kufanele ubuye ushintshe indlela yokwenza. Uma ubona ukuthi akukulunge­li okuzamayo kufanele uqhamuke nokunye,” kusho u-Eymael.

Mayelana nekusasa lakhe njengoba kubikwa ukuthi kunamakila­bhu amfunayo kuleli naseAfrika, uthe:

“Yebo akhona amakilabhu angifunayo nabaphathi bayakwazi lokho. Kodwa-ke okwamanje ngeke ngiphawule ngekusasa lami. Ngisazohla­la nabaphathi sibone ukuthi sibekanaph­i. Ngisanenko­ntileka neStars ngakho-ke konke okwenzekay­o kufanele ngikuxoxe nayo.”

UDavids uthi ngeke abasole ngalutho abadlali bakhe, bakwenze konke abebayalel­e khona.

“Kangifuni ukukhuluma kakhulu ngonondweb­a, kungcono ngibheke iqembu lami.

"Ngikholwa wukuthi sibe nomdlalo omuhle, ngeke ngiwuqondi­se umunwe kumuntu ngayedwana kodwa konke kuhambe ngendlela ebesihlele ngayo ngebhadi-ke ezinye izinqumo azivunanga thina.

“Abadlali bami basebancan­e, bengilinde­le ukuthi bazokuba namaphutha kodwa noma kanjani sizowalung­isa ngesizini ezayo.

"Bakwenze konke okusemandl­eni abo kodwa-ke vele ngesinye isikhathi ufunda kanzima.

"Sesibheke isizini ezayo, sizozama ukuqinisa lapho kudingeka khona ukuze uma sidlala komunye owamanqamu singabi nankinga,” kusho uDavids.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa