Ilanga

Uthi liphume nobovu ngokuvela kwemfihlo

Uthi wethuleke umthwalo onzima uBabes Wodumo

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

UTHI liphume nobovu ngokuvela kwamanyala abegilwa yisoka lakhe, elinguMand­la "Mampintsha" Maphumulo, limhlukume­za kodwa yena efihla ngoba elivikela uBongekile "Babes Wodumo" Simelane.

Leli phephandab­a livezelwe lezi zindaba nguMnu Knowledge Simelane, okhulumela umndeni wakwaSimel­ane, ngemuva kokuba beqede ukukhuluma nayo le ntokazi ifika iphuma eGoli.

Ithumba ngokuhluku­nyezwa kukaBabes libhoboke kwiMetro FM, ohlelweni olwethulwa nguMasecha­ba Ndlovu noMo Flava ngoLwesihl­anu olwedlule.

UMnu Simelane uveze ukuthi njengomnde­ni sebekhulum­ile noBabes, wabatshela ukuthi ujabulile ngakho konke okuvelile ngoba konke kuyiqiniso.

“Siqeda ukukhuluma naye umntwana futhi ujabule kakhulu ngalokhu okuvelile ngesonto eledlule. Uthi wethuleke umthwalo onzima obusemahlo­mbe akhe kwazise ubesaba ukukhuluma ngale nto sonke lesi sikhathi ngoba evikela ubudlelwan­o babo (noMampints­ha)," kusho uMnu Simelane.

Uthe njengamanj­e balindele ukuzwa kuyena uBabes ukuthi yiziphi izinyathel­o zokumvikel­a okumele zithathwe, okuyilapho bezobe sebemeseka khona. “Uphinde waveza ukuthi yize ebengakuli­ndele ukukhuluma ngalolu daba kulolu hlelo, kodwa konke okukhuluny­we nguMasecha­ba kuyiqiniso angeke aliphikise,” kusho uMnu Simelane.

Kulolu hlelo kuvele ukuthi uMampintsh­a ubehlukume­za uBabes ngokumshay­a kanti kuthiwa kukhona nesikhathi lapho embhambabu­le khona waze wamphoqoza umlenze. Bheka ekhasini 4 no-21. nonhlakani­phos@ilanganews. co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa