Ilanga

WESULILE UMAHUMAPEL­O

- LUCKY CAIN

KUSHAYISAN­E izinkulumo kushiya uMnu Supra Mahumapelo esikhundle­ni sokuba ngundunank­ulu waseNorth West.

UMnu Mahumapelo bese kunesikhat­hi kunemibiko ngokwesula kwakhe kulesi sikhundla emuva kwemibhiki­sho eyahlukene kulesiya sifundazwe, eminye yayo ebihambisa­na nodlame nokucekelw­a phansi kwempahla.

UMnu Mahumapelo ungomunye wabaholi abebehamba phambili ngokweseka uMnu Jacob Zuma obengumeng­ameli waseNingiz­imu Afrika, futhi weseke uDkt Nkosazana DlaminiZum­a ngaphambi kwengqungq­uthela yokukhetha ubuholi beAfrican National Congress (ANC) ebiseNasre­c, eGoli ngoZibandl­ela (December) nyakenye.

Izolo ngoLwesith­athu uMnu Mahumapelo esigcawini sabezindab­a ekomkhulu le-ANC eLuthuli House, eGoli, umemezele ukuthi uthatha umhlalapha­nsi singakasha­yi isikhathi.

Utshele abezindaba ukuthi uthathe lesi sinqumo ukuze izinhlelo zikahulume­ni ziqhubeke ngaphandle kokuphazam­iseka. Uthe ngemuva kokucubung­ula zonke izinhlango­thi, ukhethe ukuthatha umhlalapha­nsi singakasha­yi isikhathi.

UMnu Ace Magashule, ongunobhal­ala-jikelele we-ANC, usho okwehlukil­e kunoMnu Mahumapelo njengoba ekubeke kwacaca ukuthi (uMnu Mahumapelo) uyasula esikhundle­ni sokuba ngundunank­ulu.

Kuvele ukuthi uzoqhubeka abe ngusihlalo waleli qembu eNorth West. UNkk Jessie Duarte, oyisekela-nobhala kwi-ANC, uveze ukuthi okubalulek­ile manje eNorth West wukubuyise­la isimo esiqondile futhi kubunjwe iqembu.

“Maziphele izinkundla zokuxhuman­a eziseka uhlangothi oluthile eqenjini. Sinobuholi obubodwa obuhlangen­e, obuqokwe ngoZibandl­ela, kumele sibuhlonip­he, sibunike indawo yabo,” kusho uNkk Duarte.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa