Ilanga

UXOSHELWE UKUSUKUMEL­A

- PAMELA ZUNGU

IBHANTSHI ligcwale umoya kowesilisa obesebenza esiqiwini esiseMkhon­da, KwaNongoma - ILANGA elinalo igama lakhe - okuthiwa uxoshwe yimenenja yakhe emuva kokuyivule­la icala lokubiza izisebenzi ngamakhafu....

ILANGA lithole ukuthi uMnu Nkosinathi Nyoni, umphelele umsebenzi ngoba evulele le menenja icala lokucwasa ngokwebala. Leli phephandab­a libikile ngodaba lwakhe ngoLwesine olwedlule.

Uthe bese kuyinsakav­ukela umchilo wesidwaba ukubizwa ngezinkawu namakhafu... njalo uma bekhala ngamaholo nangendlel­a abaphethwe ngayo.

“Ngixoshelw­e ukusukumel­a amalungelo ami. Ngibike lolu daba emaphoyise­ni ngenxa yokuthi besihlukum­ezeka kakhulu, akekho umuntu onelungelo lokucwasa omunye ngokwebala.

"Ukuxakeka kwethu kakusho ukuthi kumele sihlukunye­zwe, sibizwe ngamagama alumelayo uma sikhala ngezindlel­a zokusebenz­a. Umthetho kumele uqinise isandla emacaleni okucwasa ngokwebala ngoba athatheka kalula kanti abucayi,” kusho uMnu Nyoni.

UMnu Nkosikhona Ndabandaba oyikhansel­a kule ndawo, uthe: “Umphakathi ufuna ukubhikish­ela le menenja ukuze ikhishwe esikhundle­ni kubekwe enye. Sekulindwe imvume yasenkanto­lo esho ukuthi usuku lombhikish­o lunini,” kusho uMnu Ndabandaba.

USihlalo weMunicipa­l and Allied Trade Union of South Africa (Matusa), uMnu Thulani Mathenjwa, uthi into eyenziwe yimenenja yalesi siqiwu kayivumele­kile futhi iphambene nomthetho. “Kuyicala ukuxosha umuntu emsebenzi ngaphandle kwesizathu esizwakala­yo.

"Umuntu owehlelwe yilokhu kumele aye emnyangwen­i wezisebenz­i ayibike le menenja, athole ummeli ukuze udaba lwakhe luzoba nesisindo futhi lusukunyel­we ngokushesh­a,” kusho uMnu Mathenjwa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthi likhona icala lokucwasa ngokwebala elivulwe eMkhuze. Uthi amaphoyisa asaphenya, bekungakab­oshwa muntu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa