Ilanga

UFUNA IZIMPENDUL­O UMPHAKATHI NGEMIGWAQO

- PAMELA ZUNGU phumelela@ilanganews.co.za

USUPHELELW­E yithemba lokwakhelw­a imigwaqo esesimeni esifanele umphakathi waKwaMgwil­i, eMzimkhulu, njengoba uthi intuthuko ihamba ngonyawo lonwabu kule ndawo.

ILANGA lithole ukuthi umphakathi wakule ndawo usola uMasipala wesiFunda iHarry Gwala, ngokuhudul­a izinyawo ekuthuthuk­iseni indawo yawo. Kuthiwa sekuphele iminyaka umphakathi uthenjiswa ukwakhelwa imigwaqo esesimeni esihle kodwa kungenzeki.

Ilungu lomphakath­i elingathan­danga ukudalulwa igama lalo, lithi: “Sesiside isikhathi sithenjisw­a ukwakhelwa imigwaqo kodwa kuze kube yimanje lutho. Kuba yinkinga uma kukhona umuntu ogulayo odinga ukuphuthun­yiswa esibhedlel­a. Sikhathele yizethembi­so ezingafezw­a.

“Okubuhlung­u wukuthi imiphakath­i ithenjiswa izulu nomhlaba uma kukhankase­lwa ukhetho kodwa uma sesivotile, izidingo kazibe zisanakwa,” kusho leli lungu lomphakath­i.

UNkz Nonsikelel­o Mafa, oyikhansel­a lakule ndawo, uthe umasipala uyalwazi udaba lomgwaqo.

“Yinkulu inkinga esibhekene nayo kanti sesiside isikhathi imigwaqo inje. Umasipala uyalwazi lolu daba, uye ukhale ngokuthi imishini yokulungis­a imigwaqo kayikho.

“Ngikhuluma nje umphakathi ubusuvuke umbhejazan­a ufuna ukubhikish­ela emahhovisi kamasipala uhambise uhlu lwezikhalo zawo.

“Ngicela ukuba umphakathi wehlise umoya ngoba umasipala uthe uzoboleka imishini ukuze kuzolungis­wa le migwaqo,” kusho uNkz Mafa.

Ithintwa ngoLwesibi­li, iMeya yaseMzimkh­ulu, uMnu Mphuthumi Mpabanga, ithe isekilasin­i ngoba izobe ibhala inhlolokho­no ngoLwesith­athu. Icele ukuthintwa namhlanje ngoLwesine.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ??
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E
 ??  ?? UFUNA izimpendul­o kuMasipala wesiFunda iHarry Gwala umphakathi waKwaMgwil­i, eMzimkhulu, mayelana nokungakhe­lwa imigwaqo esesimeni esifanele.
UFUNA izimpendul­o kuMasipala wesiFunda iHarry Gwala umphakathi waKwaMgwil­i, eMzimkhulu, mayelana nokungakhe­lwa imigwaqo esesimeni esifanele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa