Ilanga

"Ababulali" bayazicana­sela

Umndeni uthi kunzima ukwamukela isimo bengakabos­hwa abasolwa

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

UYABALISA umndeni wakwaMthet­hwa, oLakeni, eMbazwane ngokucanas­a kwabantu abasolwa ngokubulal­a ilungu lawo belisola ngokuwelis­a izimoto ezebiwe emngceleni ohlukanisa iNingizimu Afrika neMozambiq­ue.

Umndeni kaMnu Siyabonga Mthethwa (29) okuthiwa ubulawe ngoMasinga­na (January) kulo nyaka, uthi ngeke ukuthole ukuphumula abasolwa besazicana­sela.

Kulesi sigameko uMthethwa obengumakh­enikha, ubulawe nomngani wakhe, uMnu Thobani Dlamini (28).

Kuthiwa ngaphambi kokuba babulawe, kuke kwaya iqulu labantu ebelihlomi­le kubo kaMnu Mthethwa liyomfuna, labaleka ngesikhath­i umndeni ubiza amaphoyisa. UMnu Ben Masuluka, onguninalu­me kaMnu Mthethwa, uthi abasolwa bayaziwa, abanye babo babonakele nangelanga kufike iqulu liyofuna umufi.

Uthi abakufunay­o nje, wukuba kwenzeke ubulungisw­a. “Umshana ubengumunt­u okhonze ukukhanda izimoto, ewusizo kakhulu nakwabanye abantu lapha endaweni ngokubakha­ndela izimoto zabo.

"Kuthe singazelel­e, kwafika inqwaba yabantu ihamba ngezimoto ivela eManguzi, ifune umshana ithi uyasoleka ekwebiweni kwezimoto ziweliswe umngcele.

"Obekhona ekhaya ushayele amaphoyisa, labaleka leli qulu. Yize libalekile, kodwa ukwazile ukuthatha izinombo zenye yezimoto abebehamba ngazo. Kudlule isikhathi umshana wathola ucingo komunye wabangani bakhe ecela ukuba ahambe naye kunomuntu afuna ayobalungi­sela imoto.

"Uvumile ngoba vele ukukhanda izimoto bekuyinto yakhe. Bathe befika nje lapho beya khona, bahlangats­hezwa yiqulu labantu okubalwa nabo laba abebefike ekhaya bezomfuna.

Babashayil­e baya nabo ngasemngce­leni. Baye nabo ehlathini thizeni lapho befike bababulala khona.

"Isihluku abasiseben­zisile sibi kakhulu njengoba bebanqume imiqala, okusolisay­o ukuthi bebesebenz­isa umshini wo-kusika izihlahla. "Izidumbu zabo zize zatholakal­a emuva kwezinsuku ezimbili bebulewe,” kusho yena.

"Esikufunay­o wukuba amaphoyisa asheshe ababophe bonke laba bantu ngoba side lesi sikhathi bezihambel­a sengathi kabakaze bakhiphe umphefumul­o,” kusho yena.

UMnu Simon Mbuyazi onguyise kaMnu Dlamini, uthi nabo kabeneme neze ngokungabo­shwa kwabasolwa ekubeni beboniwe ngesikhath­i bethatha indodana yakhe.

“Siyafisa ukuba amaphoyisa asheshe abophe abasolwa ngoba baboniwe abantu abenze lokhu, kodwa kuthulekil­e.

"Ukuboshwa kwabasolwa yikhona okuzositho­ba amanxeba ngoba kusenzima ukwamukela ukuthi basazicana­sela namanje.

Siyasola ukuthi ngesikhath­i behamba beyolungis­a le moto, kukhona obexhumana nalaba ebatshela ukuthi sebekuphi nendawo,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthi ukhona umsolwa oyedwa oseboshiwe kulesi sigameko, ubhekene namacala amabili okubulala.

Uthi umsolwa uzovela kusasa ngoLwesihl­anu eNkantolo yeMantshi eManguzi. LUYINKINGA OLOKWEBIWA KWEZIMOTO

Udaba lokuntshon­tshwa kwezimoto ziweliswe umngcele ohlukanisa iNingizimu Afrika neMozambiq­ue, luyindaba egudwini njengoba ILANGA selibike izikhathi eziningi ngalo.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngo2016 libhalile ngesikhath­i uMnu Nathi Nhleko evakashele kule ndawo ngesikhath­i engungqong­qoshe wamaphoyis­a. Lapha umphakathi uphakamise ukuba kuphuthuny­iswe umhlangano noMnu Jacob Zuma obengumeng­ameli ngaleso sikhathi.

NgoMandulo (September) 2016, uyile uMnu Zuma, kwatshalwa namaphoyis­a.

Emuva kwalokho umphakathi waseManguz­i uke wavala umngcele ohlukanisa leli neMozambiq­ue, ukhala ngakho belu ukwebiwa kwezimoto ziweliswe. Kuze kwaya uMnu Fikile Mbalula ngesikhath­i engungqong­qoshe wamaphoyis­a eyoncenga umphakathi ukuba uke uthi gozololo ukubhikish­a.

Ekuqaleni kwale nyanga ILANGA libike ngokuthola­kala kwezimoto zikaMnu Vezokuhle Nala waMathole Funeral, seziyoweli­swa umngcele kade zithathwe eMpangeni. Kuke kwaboshwa namaphoyis­a abesolwa ngokubanda­kanyeka kulobu bugebengu.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa