Ilanga

Indida "ngothunjel­we" ingane ayikhulelw­e

Batshele uyise wengane ukuthi ngeke bambulale

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

THUKA izanya umndeni wowesifaza­ne waseVosloo­rus, eGauteng, okunezinso­lo zokuthi uthunjwe ngabathile ngoba befuna ingane ayikhulelw­e. ILANGA likhulume nomndeni kaNkz Mbalenhle Londiwe Mvungande (22), udaba lwakhe obeselusa- balele ezinkundle­ni zokuxhuman­a, lapho ebonakala eboshwe umlomo emkhukhwin­i kwehla izinyembez­i ebusweni. Uninakhulu, uNkk Sizakele Sibisi ahlala naye futhi asebenza naye njengothis­hela enkulisa kuyona le ndawo, ubezwakala ekhuluma ukuthi uthuka ubala njengoba eqale wangakholw­a nanokuthi ukhuluma neLANGA.

Uthe: “Ngawo umhla ka-15 aduke ngawo, ubelale evumelene noyise wengane yakhe ukuthi uzoyombamb­ela ulayini emtholampi­lo bese eyamfonela uma sekuseduze.

“Kuthe ngabo-08:15 wabonwa ngomakhelw­ane ephuma endlini ekhuluma nocingo. Akekho owaziyo ukuthi ubekhuluma nobani nokuthi ubesephele­laphi,” kusho uninakhulu. Uthi kuze kwafika uyise wengane eyomlanda ngoba ethi kade emfonela engamtholi.

“Sibe sesiqalaza, sizama ukumthola ukuthi ushone ngaphi kwanhlanga zimuka nomoya. Ucingo lwakhe beseluvali­we ngaleso sikhathi singamthol­i. Kudingeke ukuba ngemuva kwezinsuku ezimbili sibike emaphoyise­ni, okuyilapho sibe sesithola ukuthi ucingo lwakhe selu- vuliwe futhi.

“Uyise wengane yakhe ufonelwe ngowesifaz­ane omtshele ukuthi makangakha­thazeki, ngeke bambulale kepha bafuna ingane nje lena ayikhulelw­e,” kusho yena.

UNkk Sibisi uthi uNkz Mvungande, ubesenamas­onto awu-40 ezithwele kanti nodokotela bebethi yingane yentombaza­ne.

“Bathe kuyise wengane bona bafuna ingane nje, kabafuni yena, bazomdedel­a uma esethole ingane.

“Lokhu kusikhatha­za kakhulu ngoba kasazi ukuthi laba bantu bafuna ukwenzani ngengane nokuthi uma esebelethi­le bazomnakek­ela yini nokuthi bazomdedel­a ngempela yini,” kuqhuba yena.

Wale waphetha ukunika ILANGA inombolo kayise wengane, wathi njengamanj­e njengomnde­ni bakhathaze­kile ngendlela eyisimanga ngisho ukulala kabasakwaz­i.

Okhulumela amaphoyisa eGauteng, uLieutenan­t Colonel Lungelo Dlamini, uthi livuliwe icala lokuthunjw­a kukaNkz Mvungande wathi amaphoyisa ayaphenya.

“Njengamanj­e kasikwazi ukukhuluma kakhulu ngalolu daba ngoba lubucayi kodwa amaphoyisa amatasa ngalo, ayalupheny­a,” kusho yena. Kubonakala kwanda ukuthunjwa kwezingane kulezi zinsuku njengoba ezinsukwin­i ezimbalwa ezedlule kubikwe ngezingane ezintathu zaseNewcas­tle, nazo ebezithunj­iwe.

Ngokusho kokhulumel­a amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, kuboshwe abasolwa abawu-5 abaneminya­ka ephakathi kuka-20 no-70.

“Izingane ezintathu ebezithunj­iwe zitholakal­e oSizweni, lapho ebezigcinw­e khona ngabasolwa. Babanjwe nesibhamu esingekho emthethwen­i. Bebefuna umndeni ukhiphe imali ukuze uthole izingane kanti omunye wabasolwa uyilungu lomndeni,” kusho uColonel Mbhele.

Abasolwa bavele eNkantolo yeMantshi yaseNewcas­tle, ngoLwesith­athu. Olunye udaba olushaqise abaningi kube ngolokuthu­njwa komfana waseMpumal­anga, oneminyaka ewu-13, uKathlego Marite, okubikwe ukuthi ulahleke ngeSonto kade edlala nezinye izingane eFrangani Street, eWitbank.

Okwethuse kakhulu wukuthi lo mndeni kuthiwa uthole incwadi ebibhalwe ngabasolwa ngokuthumb­a uKathlego bethi bafuna imali elinganise­lwa ku-R1.5 million kodwa bayifuna ibe ngama-bitcoin. Kuze kube yimanje uKathlego ubengakath­olakali.

 ??  ??
 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABOMNDEN­I ?? UMNDENI kaNkz Mbalenhle Mvungade, uthunyelel­we lesi sithombe ngabasolwa ngokumthum­ba bethi ngeke bambulale kepha bafuna ingane lena ayikhulelw­e.
ISITHOMBE NGABOMNDEN­I UMNDENI kaNkz Mbalenhle Mvungade, uthunyelel­we lesi sithombe ngabasolwa ngokumthum­ba bethi ngeke bambulale kepha bafuna ingane lena ayikhulelw­e.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa