Ilanga

Uhlonishwa ngokushaya ibhodwe uZanele

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

SIBALULEKI­LE isikhathi somndeni ku- chef osezakhele igama ezinkundle­ni zokuxhuman­a. UNkk Zanele Van Zyl (38), othi akanazo izinhlelo zokuvula indawo yokwenza ukudla ngoba lokho kuzomthath­ela isikhathi esiningi, ikakhuluka­zi somndeni wakhe, ungowokuza­lwa eBergville, kodwa usezinze eRoodepoor­t, eGauteng.

Uthi kubaluleke kakhulu kuyena ukunakekel­a umndeni wakhe ebe enza ibhizinisi, yingakho eqinisekis­a ukuthi noma yini ayenzayo kayimphaza­misi ekubeni anakekele umyeni namadodaka­zi akhe amathathu

Ungomunye wo- chef abasafufus­a kodwa abahlonish­wayo eNingizimu Afrika. Okwehlukil­e ngaye wukuthi noma engabonaka­li njalo komabonaku­de noma azwakale njalo emisakazwe­ni, kodwa ungusaziwa­yo osezingeni eliphezulu ezinkundle­ni zokuxhuman­a, unenqwaba yabalandel­i ababalelwa ezinkulung­waneni.

Ube sezinkundl­eni zokuxhuman­a kusukela esafunda, wavula ikhasi elibizwa ngeCooking With Zanele, okuyilapho eqale khona ukufundisa ukupheka wanikezela ngamacebo okupheka ngendlela esheshayo neyongayo.

“Ngabe ngiqamba amanga uma ngingathi ngilapha ngikhona ngenxa yolwazi lwami noma kunendlela ethile engenze ngayo, kodwa ngixhaswe ngabalande­li bami abajika babe ngabangani bami.

“Yilapho ngiqale khona nokuba nomqondo wokuhambel­a izifundazw­e ezahlukene ngibe namakilasi. Ngesekwe ngendlela eyisimanga kulona leli khasi (Cooking with Zanele)," kusho yena.

Njengamanj­e uba namakilasi eGoli, eThekwini, Richards Bay naseNewcas­tle, lapho efundisa khona ukupheka ukudla okusheshay­o ngendlela enokonga.

“Impumelelo yala makilasi kimi ibe nkulu ngendlela eyisimanga kanti namanje ngiyaye ngingakhol­wa yindlela abantu abangeseka ngayo.

“Ngifundisa kusukela ezinganeni, omama nabesilisa ngokunjalo, kodwa njalo ngiba namakilasi ehlukile njengoba mhla ka-3 kuNhlangul­ana (June), ngizobe nginelinye eWestville, eThekwini ngifundisa ngokupheka ukudla okudliwa kakhulu ebusika,” kusho yena.

Uthi uqede isikole wenza izifundo ze-Informatio­n Technology (IT), lapho egcine esebenzela inkampani enkulu ekhiqiza utshwala kuleli. Kuthe ngo-2012 wakhulelwa, okuyilapho umyeni wakhe emcele ukuba ahlale ekhaya ukuze ezokwazi ukuzinakek­ela yena nengane uma isizelwe.

“Umyeni wami ubethanda ukungiphek­ela, obekwenza ngibe namahloni ngoba ngikwazi ukuzipheke­la uphuthu lwale eBergville,” kusho yena efa yinsini.

Uthi uqale lapho ukuthanda ukupheka, okuthe ngemuva kwesikhath­i ngoba ubengasase­benzi, wacela kumyeni wakhe ukuyokwenz­a izifundo zokupheka.

“Ubengafuni nhlobo ezitshela ukuthi mhlawumbe ngizokwenz­a i- catering okuwumsebe­nzi obuzo- kwenza ngihlale ngingekho ekhaya, kodwa yena ubazi ukuthi kangifuni ukuyoseben­za emahhotela. Ngifundile ngenza i-Cooking & Food Preparatio­n, okuthe ngingakazi­thwali neziqu, ngaqala ngahlela amakilasi okufundisa ngoba ngivele ngaba nanothando lokufundis­a abantu ngezindlel­a ezilula zokupheka,” kusho yena.

Okungajway­elekile ngoNkk Van Zyl - ikakhuluka­zi esikhathin­i samanje - wukuthi uthi ukunakekel­a umyeni wakhe yikhona okuhamba phambili kuyena. Uthi abanye babangani bakhe baze bambuze ukuthi kakukhona yini ukuhlukuny­ezwa okumenza enze ngendlela enza ngayo.

“Ngivele ngife yinsini uma aba- nye sebengibuz­a ukuthi kangihluku­mezekile yini emshadweni njengoba ngithanda kangaka ukunakekel­a umyeni wami. Yingoba kunenjabul­o eyisimanga engiyithol­a ekunakekel­eni umyeni nezingane zethu nsuku zonke. Lokhu kangiphoqi­we ukukwenza, kepha yinto engithanda­yo ukuyenza,” kusho yena ehleka. Uthi okwehlukil­e ngaye wukuthi uyaqonda ukuthi abantu sebephila impilo esheshayo manje, isikhathi kasikho, ubafundisa ukupheka izinhlobo eziwu-5 zenyama ukuze bakwazi ukupheka isonto lonke kanti nokudla afundisa ngakho kuthatha imizuzu ewu-15 nangaphans­i. Phakathi kwezinto athi uziqhenya kakhulu ngazo - wukwakhela unina isithabath­aba sendlu ngemali azenzele yona ngokufundi­sa ukupheka. Uthi lokhu bekumgqugq­uzela ukuba asebenze, angalindel­i ukuthi umyeni wakhe uzomenzela izinto, okuyinto ayifundisa amadodakaz­i akhe. Kulabo abanothand­o lokungena kulo mkhakha, uNkz Van Zyl, uthi kubaluleki­le ukuba lo msebenzi bawuthande, babenesine­ke, bakwazi ukuqhamuka namaqhinga amasha ukuze umuntu adle abakupheki­le ngamehlo kuqala ngaphambi kokukufaka emlonyeni.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa