Ilanga

Baxosha ikati eziko ngokuzihla­nganisa nezolimo

Umasipala ubaxhase ngogandaga­nda nangezimbe­wu zokutshala

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

UHLOSE ukufundisa intsha ngokubalul­eka kokusebenz­isa umhlabathi ukuziphili­sa umphakathi waseNtabam­hlophe nowaseBuhl­ebuyeza, eNquthu, onodedange­ndlale bamasimu.

Le miphakathi ehlangane yasungula imifelanda­wonye, okuyiNhlan­hlayentaba­mhlophe Agricultur­al Co-operative ne-Owamijama Agricultur­al Co-operative, ithathwa njengesibo­nelo esihle kuMasipala wesiFunda, uMzinyathi, oholwa nguMnu Petros Ngubane, oyimeya.

Isukumile yayocela uxhaso eMnyangwen­i wezoLimo KwaZuluNat­al, okuvela ukuthi yiwona ocele ukuba kungenelel­e uMasipala waseMzinya­thi. ILANGA lihlangane namalungu awu-19 eNhlanhlay­entabamhlo­phe atshale ummbila endaweni engama- hector awu-40, athe kuwadumazi­le ukuthi kawakwazan­ga ukuhlangan­isa ama- hector awu-50 njengokuhl­ela kwawo, kodwa aphazanyis­wa yisimo sezulu.

“Siqale le nhlangano ngo-2016 ngoba singafuni nje ukuhlala sigoqe izandla, silindele usizo kuhulumeni.

"Ngenxa yokuthi indawo yethu inamasimu amaningi futhi nommbila umila kahle kuyona - yize ibuye ihlaselwe nyisomiso - sithe uma sicabanga, sabona kungaba kuhle ukuthi ingahlali nje ingalinyiw­e,” kusho uSihlalo Nhlanhlaye­ntabamhlop­he, uMnu Bernard Swelumbuze­li Khumalo.

Uthi emuva kokuxhuman­a nomnyango wezolimo, wona ubaxhumani­se nomasipala ofezekise amaphupho abo.

“Umasipala usilethele ugandagand­a ofike wayilima yonke le ndawo engama- hector awu-50, wasinika imbewu, umuthi wokubulala ukhula, amageja nokunye okuningi ebesikudin­ga ngesikhath­i sisaqala.

Ngemuva kokutshala ngogadagad­a, kuthe uma sekufika isikhathi sokuhlakul­a kwadingeka ukuba sikwenze ngezandla zethu yonke le ndawo ngoba isimo sezulu besisibi ngendlela eyisimanga, singakwazi ukusebenzi­sa umuthi wokhula,” kusho uMnu Khumalo.

Okuqaphele­kayo kule nhlangano wukuthi kayikho intsha yize amalungu ayo ethi kuye kuthi uma esexakekil­e, umsebenzi usungaphez­u kwamandla, alande izingane zawo ukuba zilekelele.

UNkk Nokwazi Ntshangase (51), oyisakhamu­zi saseNtabam­hlophe, uthi yize bengakaqal­i ukwenza imali - kwazise lesi yisivuno sabo sokuqala, kodwa okumjabuli­sa kakhulu wukuthi bona njengabant­u abadala bayisibone­lo esihle entsheni.

"Intsha izobona kithina ukuthi ngempela ukusebenza kanzima kunemiphum­ela emihle. Namanje uma ngimile ngibuka la masimu angaka, kangikholw­a wukuthi yimisebenz­i yezandla zethu. Ngiyafisa-ke ukuthi intsha isijoyine, ikakhuluka­zi le ehleli emakhaya, engasebenz­i,” kusho yena.

Induna yendawo, uMnu Mjumeni Buthelezi, ithi njengomhol­i womphakath­i kuyayijabu­lisa kakhulu ukuthi kube nohlelo olunjengal­olu. "Ummbila wabo kawubiyelw­e, bahlushwa kakhulu yimfuyo nezigilamk­huba ezingamavi­la angafunang­a ukusebenza ngesikhath­i besasebenz­a, ziyaweba ummbila,”kusho uMnu Buthelezi.

Okwehlukil­e nge-Owamijama wukuthi yona ihlanganis­e imindeni ewu-40, okuyintsha nabadala - itshale ubhontshis­i endaweni ewu70 hectors.

Unobhala wayo, uNkz Velile Nonhlanhla Biyela (35), uthi bahlalile bewumphaka­thi babona kunesiding­o sokuziqale­la into okuzoba ngeyabo, kwazise besekubhid­lange ubugebengu nobubha endaweni yabo.

“Amathuba emisebenzi mancane kakhulu, ngakho-ke abantu abaningi kabenzi lutho, banesikhat­hi esiningi sokuganga. Ngonyaka odlule sihlangani­le sacobelela­na ngolwazi ukuthi singawaseb­enzisa kanjani amasimu angaka esinawo abengenzi lutho.

"Njengamanj­e sinomhlaba owu200 hectors okungowomp­hakathi, esifuna ukuthi wonke sitshale kuwona ukuze sihlomule sibe baningi,” kusho yena.

Omunye walo bhontshisi abawutshal­ile sebewuvuni­le bawudayisa. Imali abayenze lapho bayibeke ebhange. “Sikhetha isivuno sekhethelo sisidayise, kuthi esingagcul­isi kahle sihlukanis­elane sonke njengemind­eni,” kusho yena Uthi okuhle kule nhlangano yabo wukuthi kukhona nentsha ngoba bafuna ukuba iwufunde lo msebenzi.

UMnu Ngubane uthe: "Ngisho izimo zezulu zingahambi­sani nabo bayaqhubel­a bazikhandl­e. Siyafisa ke ukuthi nakwezinye izindawo nezigodi kube nje, kungabi ngezingaph­ansi kukaMasipa­la waseMzinya­thi kuphela."

Uthi umasipala uzibopheze­le ukuthi lo mhlaba lezi zinhlangan­o ezitshala kuwona ubiyelwe.

 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? AMALUNGU omphakathi ejabulela isivuno sokuqala njengoba sekumele aqale ukuvuma ummbila owomile szowudayis­elwa inkampani ekhiqiza imphuphu. Lapha athathwe neMeya yaseMzinya­thi, uMnu Ngubane, ofake izibuko.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E AMALUNGU omphakathi ejabulela isivuno sokuqala njengoba sekumele aqale ukuvuma ummbila owomile szowudayis­elwa inkampani ekhiqiza imphuphu. Lapha athathwe neMeya yaseMzinya­thi, uMnu Ngubane, ofake izibuko.
 ??  ?? USIHLALO weNhlanhla­yentabamhl­ophe Agricultur­al Co-Operative, uMnu Bernard Swelumbuze­li Khumalo neMeya yaseMzinya­thi, uMnu Petros Ngubane, bejabulela impumelelo yale nhlangano esungulwe ngamalungu omphakathi waseNtabam­hlophe.
USIHLALO weNhlanhla­yentabamhl­ophe Agricultur­al Co-Operative, uMnu Bernard Swelumbuze­li Khumalo neMeya yaseMzinya­thi, uMnu Petros Ngubane, bejabulela impumelelo yale nhlangano esungulwe ngamalungu omphakathi waseNtabam­hlophe.
 ??  ?? UMPHAKATHI ozikhandla­yo ngokulima ubuka amasimu owalimayo sengathi kawukholwa wukuthi yimisebenz­i yezandla zawo lena esiphenduk­e impumelelo.
UMPHAKATHI ozikhandla­yo ngokulima ubuka amasimu owalimayo sengathi kawukholwa wukuthi yimisebenz­i yezandla zawo lena esiphenduk­e impumelelo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa