Ilanga

ISIMO SIDINGA UBE NAMANDLA, USINGCWABE

- PASTOR STHEMBISO ZONDO

EMHLABENI kunezimo ezikwehlel­ayo, ezinye zazo zibuhlungu. Iqiniso lempilo lithi kasikho isimo esingunaph­akade, okusho ukuthi kayikho inkinga engadluli uma uzofunda ukungayifa­ki kwicooler box ukuze phela izodlulelw­a yisikhathi.

Ngake ngakhuluma ngabantu abafaka izimo ku- cooler box - okuyinto okungafane­le siyenze. Isimo sifuna ube namandla okukwazi ukusigqiba, usingcwabe. Izimo zihlukene kabili. Kunesimo esithi uma sikwehlele, ungaphinde usikhohlwe, kodwa okusuke kufanele usidlulise.

Ubona ngani uma isimo ususidluli­sile noma usuxolile ezintweni ezakwehlel­a? Ubona ngokuthi ukwazi ukuxoxa ngaso kodwa ungasakhal­i. Ngamanye amazwi, ukuxolela noxolo yilapho osuke ukhumbula khona yonke into kodwa ukwazi ukuyikhulu­ma usuhleka.

Ngeke ukhohlwe wukuthi wadlwengul­wa, ngeke ukhohlwe wukuthi kunomuntu owake wathandana naye nahlukana, kodwa uNkulunkul­u angakusiza ukuba uphole ebuhlungwi­ni obakwehlel­a empilweni. Kunezimo emhlabeni ezelashwa nguNkulunk­ulu kuphela.

Ngisho ungaya kudokotela wengqondo, uye kubantu ababonayo uzame konke, kukhona izimo nje abangeke bazelaphe eziyolaphe­ka mhla wena waxhumana noMdali. Okwesibili, uma uMdali usuhlangan­ile naye, uyokunika iphupho, into ozoba phezu kwayo eyodala ukuba ukhohlwe yizimo ezake zakwehlela.

Iphupho lakho yinto engaphezu kwento eyakuphoxa, iphupho lakho ngumngani wakho ongasoze akuphoxe okuyothi mhla liphumelel­a nezimo ezakwehlel­a ziyonyamal­ala. Kuyingozi ukwehlelwa yizimo kanti kawunalo iphupho. Kuyingozi ukugilwa ngabantu kanti kawunayo into ohleli phezu kwayo.

Kuyazwela uma kuba neziwombe ezizokusha­ya kanti kayikho into oyenzayo empilweni, uhleli nje. Kubuhlungu ukulala embhedeni, uhlale esihlalwen­i ucabangana nobuhlungu obakwehlel­a. Masithanda­ze simcele uNkulunkul­u ukuba asisize sibe nezinto esizenzayo, eziyodala ukuba sixolele zonke izimo ezingezinh­le ezasehlela empilweni.

Bheka abantu ozwana nabo empilweni ukuthi bayasifaka yini isandla ephusheni lakho ukuze liphumelel­e ngoba iphupho lakho ngeke liphunyele­liswe nguwena wedwa, liyabading­a abantu abazokusiz­a. Bonke abantu mabake babheke emafonini abo ukuthi isikhathi basichitha nobani.

Umuntu aphelelwe wusuku engazi ukuthi ubenzani, aphelelwe wusuku evakashela abantu axoxa nabo ngezinto ezingeke zimsize. Masikhule empilweni, bonke abantu babheke kubantu abazwana nabo.

Bheka ukuthi uma ungumfana bangakwenz­a yini indoda kusasa, uma uyintombaz­ane bangakwenz­a yini umuntu wesifazane oqotho onamandla kusasa. Sonke emhlabeni sinento eyodwa nje okuwukukhu­la. Sifuna amabhizini­si ethu akhule, izingane zethu zikhule, sifuna impumelelo yethu ikhule. Kumele uke uzibuze ukuthi lo muntu othandana naye uyakukhuli­sa yini.

Uma ubudlelwan­o benu bungakukhu­lisi, yingoba bufile. Yonke into engakhuli emhlabeni, yingenxa yokuthi ifile. Umngani onaye uyakhula yini ngaye, bonke abantu ochitha nabo isikhathi uyakhula yini ngabo? Ngiyaphind­a ngithi, iyingozi into engakhuli ngoba lokho kuyizimpaw­u zokuthi ifile.

Ngicela ukuvala ngokukukhu­mbuza ukuthi siyafisa empilweni ukuba zonke izimo ezisehlele sikwazi ukuzidluli­sa, kodwa ezinye ziyodlula mhla usukuma uzithuthuk­isa kube khona into ophezu kwayo. Masingalok­hu sikhala sidabukisa. Kalikho ivesi elithi “ubusise abadabukis­ayo ngoba bayodatshu­kelwa”.

Bonke abantu mabasukume bazithinti­the, izinyembez­i ozikhalile zincane kunokuhlek­a osazokuhle­ka. Izinto ezilahleki­le zincane kunezinto osazozitho­la, abahlekile basheshe bahleka uNkulunkul­u akahlekwa futhi uNkulunkul­u akakhohlwa.

* Uma ufuna ukuthola uMfu Zondo bukhoma, vakashela ibandla lakhe njalo ngeSonto ngehora le-10 eJewish Hall, eNorth Beach maqondana nePavillio­n Hotel ngo11h00. Ungaxhuman­a naye kwethi: 078 419 1024; Ungamshiye­la nomy- alezo kuFacebook: Sthembiso Zondo Fan Page noma kuWhatsApp: 082 070 8034

* Kubo bonke abafundi bephephand­aba lethu ILANGA, siyafisa ukuthi sisizane futhi ngiyafisa ukuniphend­ula nonke, ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho kakulula ukunisiza nonke. Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhulu­ma nomunye. Nixole kuleyo ndawo kodwa ngokushiya nje umqhafazo, siyakubeka nasemkhule­kweni.

*UPastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Uzobe ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando kwiLANGA LangeSonto.

 ?? ISITHOMBE NGABE: COLD HD WALLPAPERS ?? ZIBUZE ukuthi lo muntu othandana naye uyakukhuli­sa yini.
ISITHOMBE NGABE: COLD HD WALLPAPERS ZIBUZE ukuthi lo muntu othandana naye uyakukhuli­sa yini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa