Sidinga abaholi abashumayela ubumbano
UKUSETSHENZISWA kolimi oluqosheme, olunenhlese yokucwasa ngokobuhlanga nokwesabisa ngodlame sekuyinto eyejwayelekile eNingizimu Afrika. Kuyajabhisa ukuthi abanye osopolotiki nabadlelana nabo baseqhulwini lokusebenzisa ulimi budedengu ukugovuza imimoya yabantu ukuze bazizuzele ukuxhaswa ngenhloso yokuzuza amavoti ngesikhathi sokhetho. Yingalesi sizathu sikushayela ihlombe ukuhlawuliswa yiNkantolo yezoKulingana ( Equality Court), kukaMnu Edward Zuma u-R60 000, emuva kokuba etholwe enecala lokusebenzisa amazwi aqosheme, anenzondo ewabhekise kuNgqongqoshe wezamaBhizinisi kaHulumeni uMnu Pravin Gordhan nowezokuVakasha uMnu Derek Hanekom.
Inkantolo ibuye yanquma ukuba uMnu Zuma abhale incwadi, axolise kulabo ngqongqoshe ngokwephula umthetho. Kuzokhumbuleka ukuthi uMnu Zuma, oyindodana yalowo obengumengameli, uMnu Jacob Zuma, ukhwele wazehlela kulabo ngqongqoshe encwadini ayikhiphe esidlangalaleleni ( open -letter) ngoNhlangulana (June) nyakenye emuva kokuba kade begxeke uyise ngezinsolo zenkohlakalo nokusebenzisa amandla ombuso ukuzicebisa yena neqeqebana losomabhizinisi elisondelene naye.
NgoLwesibili, uMnu Zuma uvele eNkantolo yezoKulingana, eThekwini, walivuma yena icala. Inkantolo inqume ukuba inhlawulo ewu-R60 000, ihlukaniswe phakathi ngokulingana, yabelwe izikole ezimbili: Umthombo Secondary School, eHowick ne-Ohlange High School, eNanda, eThekwini. UMnu Zuma ungcolise igama likaMnu Gordhan ngokumbiza ngomdayisi, odayise umnotho wezwe kwinkinsela engusomabhizinisi yakuleli, uMnu Johan Rupert. Ubuye wasola uMnu Gordhan ngenkohlakalo.
Ebhekise kuMnu Hanekom, umgxeke ngokuba yiBhunu elinobandlululo nokuba yisitha somzabalazo wabampisholo. Okushiwo nguMnu Zuma bekungelona iqiniso. Kufanele sibonge lapha iSA Human Rights Commission, okuyiyona elusukumele lolu daba, yamangalela uMnu Zuma eNkantolo yezoKulingana ngecala lokusebenzisa amazwi anobuhlanga.
Sethemba ukuthi ukujeziswa kwakhe kuzoba yisexwayiso nakwabanye abasebenzisa ulimi ukuthunaza isithunzi sabanye abantu. Lesi sexwayiso sifike kahle njengoba sekusele izinyanga nje kube nokhetho lukazwelonke ekuqaleni konyaka ozayo.
Kulindeleke ukuba lolu khetho lube nzima kakhulu emaqenjini ezombusazwe, okungaba nomthelela wokuthi ngesikhathi ekhankasa ngaphambi kokhetho, amanye awo asebenzise amazwi anohlevane, ahlukanisa abantu ngokobuhlanga ukuxova imimoya yabavoti ukuze azizuzele ukwesekwa.
Izwe lethu kalibadingi ebuholini abantu abangakhi, kodwa abaxova imimoya yabantu. Kulesi sikhathi lapho sibhekene khona nezinkinga eziningi, sidinga abaholi abashumayela ubunye nokusebenza ngokubambisana kwezinhlanga zonke ukwakha izwe lethu.