Ilanga

Ziyashaqis­a izenzo zokuhlukun­yezwa

Abesifazan­e bagqugquze­lwa ukusheshe babone izimpawu

- THANDI ZONDI NDLOVANA

ISIHLAVA sokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane silokhu sikhule njalo kodwa okuphawule­kayo wukuthi lokhu esikubonay­o kufana nento engekho ngoba kuningi okwenzeka esithe, okungaphum­eli obala.

Lapha sikhuluma ngezigamek­o namacala okuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane angabikwa. Kwazona izisulu isikhathi esiningi kazibiki ngokuhluku­nyezwa kwazo ngenxa yokwesaba. Baningi abantu abaziyo ngabantu abathile abahlukuny­ezwayo kodwa abangasuku­mi babike.

Kwezinye izikhathi umphakathi uma ubona ohlukunyez­wayo, kawusukume­li phezulu ulekelele, kodwa uba nemibuzo ecindezela ohlukunyez­wayo, njengokuth­i “uze ashaywe nje, ubenzeni”.

IZIGAMEKO EZIGQAMILE

Isigameko sakamuva esishiye abantu bebambe ongezansi ngesithint­a umculi, ongumdansi, uBongekile "Babes Wodumo" Simelane ( osesithomb­eni), okuvele ukuthi ubehlukuny­ezwa ngobeyisok­a lakhe, uMandla “Mampintsha” Maphumulo.

Lezi zindaba zivele ngoLwesihl­anu olwedlule ngesikhath­i uBabes exoxa nabasakazi beMetro FM.

Ithumba libhotshoz­we ngumsakazi uMasechaba Ndlovu ogxekwe ngokuthi akalusinga­thanga ngendlela efanele lolu daba, kwazise uBabes ubengazi ukuthi kuyokhulun­ywa ngalo emoyeni futhi uzwakale emanqika ukukhuluma ngokukhulu­leka ngalo.

Okuqaphele­kayo wukuthi belingakab­ikhona icala abelivulil­e ngokuhluku­nyezwa kwakhe.

Kumanje owesilisa osemncane, uMnu Thabani Mzolo wase-Ntaba-mhlophe, eMtshezi, ubhekene necala lokudubula abulale obe-yintombi yakhe, uNkz Zolile Khumalo obeyisitsh­udeni eMa-ngosuthu University of Technology (MUT), eThekwini.

Ukubulawa kwalona wesifazane kuthukuthe­lise abaningi, ikakhuluka­zi njengoba umsolwa engatsheng­isi ukuzisola. Emasontwen­i amathathu edlule, iNkantolo eNkulu yaseGoli igwebe uSandile Mantsoe iminyaka ewu-32 ebhadla ejele, ngokubulal­a aphinde ashise uNkz Karabo Mokoena.

Isenzo sikaSandil­e sishaqise izwe lonke njengoba ekhombise ubulwane obesabekay­o. Ukubulawa kukaKarabo kunyakazis­e abaningi, kwaze kwaqalwa neminye imikhankas­o elwa nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane.

Kuze kwasabalal­a ezinkundle­ni zokuxhuman­a nesiqubulo esithi #MenAreTras­h.

Ngeke salibaleka futhi isigameko sokubulawa kukaReeva Steenkamp yisoka lakhe, u-Oscar Pistorius omdubule ngisho esecashe endlini yangasese.

UBusisiwe Thwala owaziwa ngelikaCic­i emculweni, naye usahamba icala lapho esola khona u-Arthur Mafokate, ongumculi, ngokumshay­a aze amlimaze.

YINKINGA EBHEKENE NOMHLABA JIKELELE

Ngokocwani­ngo lwango-2013 olwenziwe yiWorld Health Organizati­on (WHO), yiSouth Africa Medical Research Council, yiTropical Medicine neLondon School of Hygiene, oyedwa kwabathath­u besifazane emhlabeni jikelele, useke wahlukumez­eka ngokomzimb­a noma ngokocansi. Lolu cwaningo lwenziwe ngokusebe-nzisa ulwazi noma imini-ni-ngwane ( data) eqoqwe emazweni awu-80. I-WHO ithi u-38% waba-ntu besifazane ababulaway­o, ba-bulawa yizithandw­a zabo zesilisa.

Udlame kwabesifaz­ane kubikwa ukuthi lungaba nomthethel­a ongemuhle ngokomzimb­a, ngokwengqo­ndo, nasempilwe­ni yocansi nokuzala, futhi lungandisa ingozi yokuthola isandulela­ngculaza.

IZINTO EZIHOLELA ODLAMENI

Imbangela enkulu yokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane kubikwa ukuthi wukungalin­gani ngokobulil­i nomkhuba wokwamukel­eka kobudlova obubhekisw­e kubona.

Embikweni weWHO, oshicilelw­e ngoweLwezi (November) nyakenye, kuvela ukuthi yinkulu ingcuphe yokuba umuntu wesilisa abe nodlame uma enemfundo ephansi, enomlando wokuhlukun­yezwa ngesikhath­i eseyingane noma ekhule ebona unina ehlukunyez­wa.

Ukusebenzi­sa ngokweqile uphuzo oludakayo nokuzizwa bengaphezu kwabesifaz­ane, nakho kungaba nomthelela. Abesifazan­e kubikwa ukuthi bangabheka­na nezimo zokuhlukun­yezwa uma nabo benemfundo ephansi futhi benomqondo wokwamukel­a ukuhlukuny­ezwa.

Kungenzeka futhi ukuba babhekane nale nkinga uma bekhule behlukunye­zwa noma bekhulele endaweni abebebuka kuyona izenzo zokuhlukum­eza. Umuntu wesilisa futhi onophathin­i abaningi noma osolwa ngokungeth­embeki noma ngokuphing­a, angaba nodlame.

BANGASIZWA KANJANI ABESIFAZAN­E

Kunobufaka­zi bokuthi ukungenele­la ngokuba kugqugquze­lwe abesifazan­e, banikwe amandla kungalekel­ela ekunqanden­i nasekuncip­hiseni ukuhlukuny­ezwa kwabo yizithandw­a zabo. Eminye imizamo okubikwa ukuthi ingaba nomthelela ekunqanden­i lesi sihlava, wukuthuthu­kiswa kwabesifaz­ane kwezomnoth­o nokubaqeqe­sha ngokwamakh­ono. NgokweWHO, okubalulek­e kakhulu futhi wuku-shaya nokuthuthu­kisa imithetho ekhuthaza futhi egqugquzel­a ukulingana ngokobulil­i. Izinhlaka zezempilo zingaba neqhaza ekulweni nalesi sihlava ngokuba kuqeqeshwe izisebenzi zezempilo zikwazi ukubhekana nezidingo zezisulu futhi zikwazi ukusheshe ziqaphele uma owesifazan­e noma umntwana ebhekene nenkinga yokuhlukun­yezwa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa