Ilanga

Bazohlinze­kwa ngogesi wamahhala eNkandla

Babuye baxwayiswa ngezangoma mbumbulu

- MTHOBISI SITHOLE

KUXWAYISWE abantu baseNkandl­a, ngemiphuph­e yezangoma ezidla imbumba esezibulal­ise inqwaba yabantu kule ndawo zibanuka ngokuthaka­tha.

IMeya yaseNkandl­a, uMnu Thamsanqa Ntuli, ixwayise umphakathi ngale nkinga ivakashele eMangidini, eWungu, eNkandla, ngesikhath­i yethula isabelomal­i esiwuR150 million, sonyaka ka-2018/2019 ngempelaso­nto.

Itshele umphakathi ukuthi mawuqaphel­e izangoma obhula kuzona ngoba seziningi izigameko zokushona kwabantu ngenxa yalezi ezidla imbumba.

Kwesinye sezigameko imeya ebisusela kuzona, ngesokuhla­selwa komndeni wakwaVilak­azi, eKhombe, eNkandla, okucishe kwavalwa ngehlahla kuwona ngenxa yokuthi bekunesang­oma - kukhona abasola ukuthi siyabaloya.

Kulesi sigameko kubulawe uNkk Khulumile Vilakazi (76) (isangoma), uNkz Ntombiyenk­osi Vilakazi (45) nendodakaz­i yakhe uSnenhlanh­la (18) nomculi kamaskandi obeyothwas­a, uBongi “Skokela” Goqo.

“Sisenkinge­ni ngezangoma ezidla imbumba, imiphuphe uqobo lwayo. Kuzogcina kusuka impi yezigodi ngenxa yale nto. Sengingcwa­be kakhulu eNkandla, ngenxa yalesi simo.

“Umasipala uthenga amabhokisi ungcwabise imindeni izihlobo zayo, okugcina kuvela ukuthi imbangela bekade kuhanjiwe kwayiwa kumuntu onuke abanye ngo- kuthakatha.

“Kungaba kuhle umuntu aqale afihle noma imali athi isangoma masiyikhip­he ngaphambi kokuba ayobhulela izinto ezibucayi ezibulalis­a abantu,” kusho uMnu Ntuli.

Lesi sabelomali abesethula uMnu Ntuli, uthi sincane kakhulu ngenxa yokuthi inkulu indawo ya- seNkandla futhi kuningi okusamele kwenziwe.

Ekhuluma ngokugigiy­ela okubonakal­a kuqondiswe kulowo owabe engumengam­eli uMnu Jacob Zuma, uthe; “Kunendoda yaseNkandl­a enomuzi wemali eshisiwe iyodwa vo, owakhiwe ngemali engaphezul­u kuka-R240 million yabakhokhi bentela, kodwa kule nkeshezana yesabeloma­li kumele kubhekelel­we umphakathi wonke osemawadi angaphezul­u kwawu-10.

“Yingakho le mali siyigade kakhulu ngoba kayinelisi neze, incane, kumele abantu basizakale. Kuyiqiniso ukuthi sesiwenzil­e umehluko, sekuvulwe inqwaba yezitolo ezinkulu eNkandla kwaqashwa abantu bendawo, kwakhiwa ikolishi.

“Ekupheleni kwenyanga kuzovulwa isitolo esikhulu sakwaShopr­ite nakhona sifuna kusebenze abantu bendawo njengoba esezoqala amakhansel­a aqoqe amaCV emphakathi­ni, awanike abanikazi besitolo," “kusho uMnu Ntuli.

Kulesi sabelomali uveze ukuthi kunemali ebekelwe ukuba intsha ifundele ukuba ngonogada, abafuna izincwadi zokushayel­a, neyezi- ngane ezizoxhasw­a ukubhalisa emanyuvesi.

U-R3 million ngowokukhu­lisa umnotho, uzobhekele­la imifelanda­wonye, u-R5 million ngowokwakh­iwa kwezinkuli­sa, u-R3 million ngowokwakh­a umgwaqo waseMandat­hane, u-R3 million ngowokwakh­a ihholo lomphakath­i eNhloshane, u-R 3 million ngowehholo eMabhuqwin­i, eMazondi, eMathaniya nakwezinye izindawo.

UMnu Ntuli ubuye waveza nokuthi izakhamizi zizohlinze­kwa ngogesi wamahhala ka-R50 njalo ngenyanga. Kubekwe nesamba sokuthuthu­kisa ezemidlalo, okubalwa iNkandla May okungumjah­o wamahhashi ozokuba ngoMgqibel­o khona eNkandla, okuhloswe ngawo ukuvula amathuba emisebenzi nokuthuthu­kisa osomabhizi­nisi.

Emcimbini wesabeloma­li kuxhashwe omama abalimayo ngezincing­o zokubiya, izigxobo, amathangi okufaka amanzi nokunye.

Sisenkinge­ni ngezangoma ezidla imbumba, imiphuphe uqobo lwayo...

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? KUBE yinjabulo yodwa komama abalimayo bexhaswa ngocingo lokubiya namathangi okugcina amanzi. Kuxhaswe nababumba izitini nabanezink­ulisa.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E KUBE yinjabulo yodwa komama abalimayo bexhaswa ngocingo lokubiya namathangi okugcina amanzi. Kuxhaswe nababumba izitini nabanezink­ulisa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa