Kusuke isidididi izisebenzi zibhikisha
Zikhala ngobuholi besibhedlela nokushoda kwezinsiza zokusebenza
KUSUKE isididi kwaphazamiseka ukusebenza esibhedlela i-Osindisweni, ngaseVerulam, izolo ngoLwesithathu, ngesikhathi izisebenzi zibhikisha, zikhala ngobuholi balesi sibhedlela nokushoda kwezinsiza.
Lesi simo sithwalise kanzima iziguli namanye amalungu omphakathi abeyofuna usizo kulesi sibhedlela njengoba abahlengikazi bebeqhinqe ngaphandle, benezikhalo ngezinsiza-kusebenza abathi sekunesikhathi zingekho kulesi sibhedlela kodwa abaphathi kabenzi lutho ngalokho.
Phakathi kwezinto abebekhala ngazo, wukungabikhona kwamaphilisi - okuthiwa kwesinye isikhathi iziguli ziyajikiswa ziyalelwe ukuba ziyowathenga ekhemisi - wukushoda kwabahlengikazi nemishini yokuwasha izingubo zeziguli okuthiwa sekuneminyaka ifile.
Lo mbhikisho ubungenelwe nangamanye amalungu omphakathi athi akhathele yilesi sibhedlela nezinkinga zaso ezigcina ziholele ekubeni angalutholi usizo. Bekukhalwa nangokungabikhona kwenursing nanager, i- medical manager, ngama- medical officer, yi- systems manager, yi- perational manager, yi- waste management officer ukukha nje phezulu.
Izisebenzi zikhala kakhulu nangomphathi walesi sibhedlela, uNkk Ntombenhle Ngcobo, ezithi selokhu kufike yena izinto zimapeketwana.
Esinye isisebenzi esingathandanga negama laso, sithi izinkinga ziya ngokukhula njalo kunokuba zilungiswe. Sivezele leli phephandaba ukuthi kunemibhede eyathengwa kodwa engakaze isetshenziswe ekubeni iyashoda ngaphakathi.
Sithe kwesinye isikhathi kuyaye kuphoqe ukuba iziguli zilale embhedeni owodwa ngenxa yenkinga yemibhede. Kuthiwa imishini yokuhlola ushukela iyimbijana, okwenza abahlengikazi bantante isibhedlela sonke behamba beboleka le ngcosana yayo ekhona.
UMnu Vusi Khanyile, weNational Education, Health and Allied Workers’ Union (Nehawu), osebenza kulesi sibhedlela, uthi sesiside isikhathi bezama ukubonisa abaphathi ngalezi zinkinga - okubalwa kuzona nokuxhashazwa kwemali.
“Ngikhuluma nje, kunebhilidi elidala okwagunyazwa ukuba livalwe ngoba lingasekho esimeni esikahle, kodwa kuyimanje liyasebenza. Zonke lezi zinto zigcina zisiqhatha nomphakathi ngoba kawuqondi ukuthi nathi sibhekene nenkinga.
“Iziguli zike zilale zidle izingcezu ezimbili zesinkwa nodali, uma kubuzwa, sitshelwe ukuthi imali kayikho. Sifuna umnyango wenze uphenyo ngazo zonke lezi zinto esizibalile, ikakhulukazi ngakumphathi wesibhedlela ngoba kuyacaca ukuthi akaphethe neze kahle," kusho yena.
Uhlu lwezikhalo lwamukelwe yiNhloko yoMnyango wezeMpilo, uMnu Musa Gumede, othembise ukuthi bazoziphendula izikhalo. UMnu Gumede uveze ukuthi lezi zinkinga abakhala ngazo kakuzona ezalesi sibhedlela kuphela zibhekene nomnyango kusukela ngo2014.
Uthi lokhu kudalwa wukungatholi imali eyanele kwisabelomali kodwa wathembisa ukuthi bazozisukumela.
Iziguli zike zilale zidle izingcezu ezimbili zesinkwa nodali, uma kubuzwa sitshelwe ukuthi imali kayikho. Sifuna umnyango wenze uphenyo...