Ilanga

UYAZETHEMB­A EZAKHE KWI-SUPER RUGBY UMQEQESHI WE-SHARKS

- NHLANHLA HUDLA

UMQEQESHI weCell C Sharks uRobert Du Preez Snr ( osesithomb­eni) ukholwa wukuthi iqembu lakhe lizokwazi ukumelana nobunzima bokubhekan­a neJaguares yase-Argentina engagayelw­a mphako kulezi zinsuku njengoba iqhelisa kwasani oluphambi kwayo.

ISharks izogadulis­ana neJaguares koweVodaco­m Super Rugby kusasa ngoLwesihl­anu ngo-21h40 ekuhambeni, e-Argentina. EzikaDu Preez zizokuya kulo mdlalo zihambela phezulu emuva kokuguqisa iChiefs ngeledlule eThekwini. IJaguares yona iqeda ukubukisa ngeBulls e-Argentina.

UDu Preez ukholwa wukuthi bazokwazi ukubhekana nobunzima beJaguares azwakalise ukuthi isisezinge­ni lomhlaba njengoba ishaya ngabadlali iningi labo eligijima eqenjini lesizwe lase-Argentina.

“Sizobhekan­a neqembu eliqinile futhi elihlangen­e, eselikhule kakhulu kulo mdlalo njengoba bengasawen­zi amaphutha awubungane abebalimaz­a kakhulu. Sizobahlel­ela kahle, ngiyabethe­mba abafana bami,” kusho uDu Preez.

ISharks sekusezand­leni zayo ukuzibekis­ela indawo kowohlunga njengoba izimbangi zayo zilahle amaphuzu ngeledlule. Umdlalo olandelayo weSharks uzoze ube mhla ka-30 kuNhlangul­ana (June) lapho izodudulan­a khona neLions eThekwini.

Imidlalo yeSuper Rugby izoke ihlabe ikhefu elincane ngenxa yeyamaqemb­u esizwe.

Isiyonke imidlalo yeSuper Rugby engempelas­onto ihlelwe kanje: KUSASA NGOLWESIHL­ANU Crusaders vs Hurricanes 09h35. Rebels vs Sunwolves 11h45. Jaguares vs Sharks 21h40. NGOMGQIBEL­O Waikato Chiefs vs Waratahs 9h35. Reds vs Highlander­s 11h45. Vodacom Bulls vs Brumbies 15h05.

DHL Stormers vs Emirates Lions 17h15.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa