Ilanga

OWASE-KZN UBHEKE NGABOMVU ISINQUMO SIKA-BENNI

- SENZO SOKHELA

UMDLALI waKwaZulu-Natal usibheke ngabomvu isinqumo sikaBenni McCarthy njengoba kulindelek­e ukuba amemezele ukaputeni omusha wezakhe, iCape Town City.

ICity kulindelek­e ukuba iqale isizini entsha isinokaput­eni omusha emuva kokuba uRobyn Johannes obeyihola ensimini ngesizini edlule, esejoyine iBidvest Wits.

UThamsanqa Mkhize odlala emuva kwiCity, kubikwa ukuthi nguyena ongase ahole le kilabhu yaseCape Town.

UMkhize ubevele abuye alibambe ibhande lobukapute­ni uma uJohannes engekho.

Leli phephandab­a lizithele kuMkhize ngoLwesibi­li ekuseni eVirgin Active, ePinetown, eqeda ukuzivocav­oca labe selisebenz­isa leli thuba ukuxoxa naye.

“Okwamanje asikazi ukuthi ngubani ozohola ikilabhu. Sizozwa kahle uma sesibuyela ngoba yilapho kuzokwenzi­wa khona isimemezel­o.

"Ngiyazi ukuthi amathuba ami makhulu kodwa bakhona abanye ozakwethu abangaliph­atha ibha- nde njengoMpho Matsie noThabo Nodada oqokwe njengomdla­li ovelele ekilabhini. Nokho ngokwami ngikulunge­le ukuthatha lesi sikhundla ngoba kuyivela kancane ukuthi umfana ozikhulele emakhaya athole ithuba elinjena,” kusho uMkhize odabuka KwaXimba ngaseCato Ridge.

Uthi ayikho into emjabulise empilweni yakhe njengokuse­benza noMcCarthy ozakhele udumo esengumgad­li kwazise ubengalibh­eki ipali.

“Efika okokuqala kangikholw­anga ngoba ngumuntu othathwa njengeqhaw­e ebholeni lakuleli, uzuze izinto ezinkulu e-Europe.

Kumnandi ukusebenza naye ngoba akukho angakwenza­nga ebholeni noma ekuchazela into uyibeka ngendlela ezokwenza uyibone ngoba udlule kokuningi.

“Nokuqeqesh­a uyakwazi futhi unamancoko kodwa uma esefuna umsebenzi wakhe alufakwa.

"Nokho sijabule ngesikwenz­e kwiCity ngesizini edlule futhi nokufika kukaTeko Modise kwenze omkhulu umehluko ngoba naye uthathwa njengomdla­li omkhulu ebholeni lakuleli,” kusho uMkhize.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? UTHABO Nthethe oshiya iMamelodi Sundowns kubikwa ukuthi ugaqelwe yiMaritzbu­rg United.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES UTHABO Nthethe oshiya iMamelodi Sundowns kubikwa ukuthi ugaqelwe yiMaritzbu­rg United.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa