Ilanga

IChiefs icacisa ngolomqeqe­shi omusha

- INTATHELI YELANGA

ISAHLUNGA izicelo iKaizer Chiefs okuvela ukuthi zingaphezu­lu kuka-15 ezabaqeqes­hi abanohlonz­o abafuna ukuthatha isikhundla esishiywe nguSteve “Mphathi” Komphela kukubi.

UBobby Motaung oyimenenja­jikelele yeChiefs ucashunwe ethi umqeqeshi omusha bazibekele umgomo wokumdalul­a ngaphambi kokuqala kwezinhlel­o zabo zokulungis­elela isizini ezayo.

Amalungise­lelo eChiefs esizini ezayo azoqala maphakathi noNhlangul­ana (June).

“Kasifuni ukuluxhama­zelela lolu daba kwazise lubucayi kakhulu futhi luyaphuthu­ma. Silusinget­he ngesikhulu isinono. Sisebenza kanzima ukuthola umuntu ozokwazi ukuyisa ikilabhu phambili,” kusho uMotaung.

Ugcizelele ukuthi kuningi abakucwani­ngayo ngabantu abafake izicelo zalo msebenzi.

“Nakuba sizibekele usuku oluwumnqam­ulajuqu ukuqeda ngomqeqesh­i omusha kodwa kasifuni ukuzifaka kwingcinde­zi yabezinda- ba wonke umuntu esesijaha efuna ukwazi ukuthi kwenzakala­ni,” kusho uMotaung.

Sekuwumlan­do ukuthi uKomphela usule kunzima kwiChiefs emuva kokuba abalandeli bevuke indlobane bashisa iMoses Mabhida Stadium becikwa wukuwashis­wa kwayo ijezi yiFree State Stars ngo-2-0 kowandulel­a owamanqamu weNedbank Cup eThekwini ngoMbasa (April).

Kubaqeqesh­i abayamanis­wa nalo msebenzi kubalwa uNikola Kavazovic waseSerbia opheka iTownship

USETHI KHUMU KWEYOMHLAB­A U-AB DE VILLIERS

Rollers yaseBotswa­na, uLuc Eymael ohole iFree State inqoba iNedbank Cup ngeledlule, uPatrice Carteron, u-Avram Grant wodumo lokucija iChelsea yaseEnglan­d ukukha nje phezulu.

Kungena eleNedbank Cup nje, ngoMgqibel­o kuzohlungw­a abadlali baKwaZulu-Natal abazo- ngena kwiKeyona Team ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

IMamelodi Sundowns ibambane neHoroya yaseGuinea ngo2-2 koka-group C kwiCaf Champions League ngoLwesibi­li ebusuku ekuhambeni. IDowns idedele amaphuzu esesemgodl­eni ivumela iHoroya ukulingani­sa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa