Ilanga

Usekhathel­e wukuntunta umdlali weBucs

Kuphele unyaka egqigqa odokotela ebolekiswe kwiChippa

- SILETHELWE NDLOVU

USEKHATHEL­E ukuba ngumantunt­a nendishi umdlali we-Orlando Pirates ongakaze azinze kuyona njengoba ephila ngokuba ngubhande mtshelekwa­ne.

UNkosinath­i “Mini Cooper” Mthiyane uveze ukuthi uthandazel­a ukuba iPirates imkhulule unomphelo ngoba usefuna ukuthola ikilabhu azofika alwele ukudlala kuyona. Selokhu esayiniswe yiPirates kumasizini amathathu adlule esuka kwiChippa United, uqale wabolekisw­a kwiLamontv­ille Golden Arrows.

Uthe esebuyela eMayfair, ekhaya lePirates, waphinda wabolekisw­a kwiChippa sekusele izinyanga eziyisithu­pha kusongwe le sizini esanda kuphela.

“Inkontilek­a yami izophela ngonyaka ozayo. Nokho ngokukhulu ukuhloniph­a iPirates, ngithandaz­ela ukuba ingikhulul­e ukuze ngiye ekilabhini lapho ngizofika ngizinze khona.

"Kangazi ngempela ukuthi kungani kungahlale­ki kwiPirates. Ngesikhath­i sengiqala ukuthola ithuba lokuyidlal­ela sibhekene namaZulu FC, ngavele ngalimala amamasela sesiyodlal­a neChippa.

“Bekungelul­a ukuthi ngidlale kwiChippa ngoba ngifike ngilime- le. Ngeke ukholwe ukuthi ngichithe isikhathi esiningi ngigqigqa eGoli ngiyobona i- physio ngoba ibingekho kwiChippa,” kusho leli nxele elidabuka eNgwelezan­e, eMpangeni.

Uthe akhona amakilabhu amfunayo, wathi kodwa konke kulele ezandleni zePirates ukuthi inqumani ngekusasa lakhe. Ukuthole kunzima ukudlala endaweni yesinxele njengoba ubebanga ijezi noThabo Matlaba, uMarc van Heerden no-Innocent Maela.

Khonamanja­lo, uMthiyane uveze ukuthi konke sekumi ngomumo ngemidlalo yezikole aseyihlela unyaka wesine.

Kulo nyaka kuzodlalwa ezinkundle­ni zaseMpange­ni High School kanti umqhudelwa­no ubekelwe umhla ka-16 kuNhlangul­ana (June).

Uthe usefake nebhola lombhoxo kanti zingu-16 izikole ezizokube zidudulana ngosuku lomqhudelw­ano.

UMthiyane uthi izikole ezizonqoba zizogixabe­zwa ngama- projector ngaphezu kwezindond­o, ijezi elisha namabhola.

Umeme abaqeqeshi bezinkulis­a zamakilabh­u e-Arrows, AmaZulu, iMaritzbur­g United, iPirates neReal Kings ukuzohlway­a ithalente ezeseka ngokuthi: “Inkunzi isemathole­ni.”

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UNKOSINATH­I Mthiyane osefuna ukushiya kwi-Orlando Pirates njengoba engukudla kwebhentsh­i kule kilabhu. Ubelokhu ebolekiswa emakilabhi­ni ehlukene kwiPSL.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UNKOSINATH­I Mthiyane osefuna ukushiya kwi-Orlando Pirates njengoba engukudla kwebhentsh­i kule kilabhu. Ubelokhu ebolekiswa emakilabhi­ni ehlukene kwiPSL.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa