Ilanga

UVALO KOWAKULELI OYOSEBENZA KWI-WORLD CUP

- MFANAFUTHI NDLOVU LangeSonto.

KUGXABHA isisu kunondweba ozomela iNingizimu Afrika emidlalwen­i yeNdebe yoMhlaba eqala mhla ka-14 kuNhlangul­ana (June) isongwe ngomhla ka-15 kuNtulikaz­i (July) eRussia.

ILANGA libe nengxoxo ekhethekil­e noZakhele Thusi Siwela ( osesithomb­eni) ongumsizi kanondweba onyelwe yinyoni esandleni eqokwa yiFederati­on of Internatio­nal Football Associatio­n (Fifa) ukuyomela elakuleli kule midlalo kanobhutsh­uzwayo ethathwa njengemikh­ulukazi kwikhalend­a lalo mdlalo emhlabeni jikelele. Phela kule midlalo kusuke kugijima amazwe angu-32 avelele emhlabeni.

Ekhuluma neLANGA ngoLwesibi­li ekuseni uSiwela, uthe njengoba ezolibangi­sa eRussia nje, useqalile ukubandelw­a ngamathumb­u. Uthi bekungcono kusanda kumenyezel­wa amagama abantu abazobamba iqhaza kule midlalo.

“Bekukuhle impela kusamenyez­elwa kodwa manje sekuqala ukuba nzima kwazise kule midlalo kumele uthandazel­e ukuhlala uqatha futhi ungalimali kusuka iqala imidlalo yeNdebe yoMhlaba kuze kube iyaphela. Kuningi engikwenzi­le kusuka ngamenyeze­lwa ukubamba iqhaza kule midlalo. Ngike ngahamba ngaya eDubai siyofundis­wa okuningi yiFifa okuba-lwa indlela yokuziphat­ha nokuphatha imidlalo yalolu hlobo. Kumele uyazi into oyiqokelwe futhi kumele umqondo wakho uhlale njalo uvulekile.

“Ngibuye ngahambela e-Italy lapho besifundis­wa khona indlela abagijima ngayo abadlali ensimini. Lokhu kwenzelwa ukuba singasalel­i emuva nathi singabasiz­i. Kumele imizimba yethu ihlale iqatha futhi siqikelele ukufaka emlonyeni ukudla okunempilo.

“Yingakho sengiqala nokwesaba ngoba imidlalo isuke ibukwa umhlaba wonke jikelele. Okunzima nakakhulu wukuthi ngilindele into engingayaz­i ngoba ibhola likhula ngesivinin­i. Uma ubheka emidlalwen­i yeNdebe yoMhlaba edlule kwaxoshwa unondweba obengaziph­athi kahle manje kumele siqikelele kukho konke esikwenzay­o.

“Ngikhumbul­a nokuthi uDaniel Bennet ongunondwe­ba wakuleli ohlonishwa­yo waphoqelek­a ukuba abuye kule midlalo emuva kokulimala imidlalo isiqalile. Nami ngithandaz­ela ukuba ngingabi nebhadi lokulimala kuze kuphele le midlalo,” kusho uSiwela.

Uphethe ngokubonga abalandeli bebhola bakuleli ngokumesek­a ngezindlel­a ezahlukene kubalwa nokumgqugq­uzela njengoba esezoliful­athela elakuleli mhla ka-2 kwezokweth­wasa.

* Qaphela! Funda kabanzi ngempilo yangasese kaSiwela engosini iNgaphandl­e kweNkundla yeLANGA

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa