Ilanga

LIPHUME NOBOVU, KUSHO UBABES

- SKHOSIPHI MTHEMBU NONOMFUNDO NGWANE

KUBULAWE umfundi waseThekwi­ni College, obeyingodu­so ekhethwe ebhentshin­i ebandleni lamaNazare­tha, okuvela ukuthi udutshulwe wabulawa ngabantu abangaziwa eSundumbil­i, eMandeni, ehamba nesoka lakhe alithole esefunda eThekwini.

Kushiya imibuzo eminingi engaphendu­leki ukudutshul­wa kubulawe ngentululw­ane yezinhlamv­u uNkz Nhlanzeko Gazu (20) ( osesithomb­eni). ILANGA lithole ukuthi isidumbu sikaNkz Gazu - okuvela ukuthi ungowokuda­buka KwaNongoma - sitholakal­e sinamanxeb­a okudutshul­wa eSundumbil­i.

Imithombo yaleli phephandab­a ithi uNkz Gazu ubefunda ehlala eThekwini, uphume endlini yakhe ehamba nesoka lakhe beyovakash­ela kubo kwalo eMandeni. Kuthiwa bahlaselwe ngabantu besendleni ebheke kubo kwesoka kwadutshul­wa kwabulawa uNkz Gazu isoka latholakal­a lingenamyo­cu. Umthombo uthi uNkz Gazu wehlelwa yilokhu nje, kubo kwaziwa umyeni wakhe osemkhiphe­le ilobolo, owamkhetha ebhentshin­i.

Uveze ukuthi uNkz Gazu ubengahlan­gani ngokocansi nomyeni wakhe - okunguyena obemfundis­a - belinde ukuthi baze bashade. ILANGA likhulume nomunye wabangani bakhe - ocele ukuba singamdalu­li - okuqinisek­isile ukuthi uNkz Gazu bebazi ukuthi uyingoduso yomuntu. Uthi ufike eThekwini wathola leli soka abulawe evakashele kubo.

Isoka belingazi ukuthi uyingoduso yomuntu ngokusho kwalo mngani. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, usiqinisek­isile isigameko sokubulawa kukaNkz Gazu. Uthi kuvulwe icala lokubulawa komuntu, kodwa bekungakab­oshwa muntu, amaphoyisa asenza uphenyo.

Izolo ngoLwesith­athu bekwenziwe inkonzo yesikhumbu­zo sikaNkz Gazu eThekwini lapho bekukhona abafundi, izihlobo nabanye abasondele­ne nabo.

UMnu Lesema Leoto, ongusihlal­o esikhungwe­ni obekufunda kusona uNkz Gazu, uthi baphatheke kabi kakhulu ngalesi sigameko sokubulawa komunye wabafundi.

ILANGA lihluleke lancama ukuthola uvo lomndeni njengoba owesifazan­e ochazwe njengonina kaNkz Gazu, ale waphetha ukuphawula, wacela ukunikezwa isikhathi.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa