Ilanga

UZUMA NGEKE AXOLISE KWABE-ANC

- LUCKY CAIN

UTHI akazisoli ngakubhale ngonyaka odlule encwadini evulelekil­e ngoMnu Darek Hanekom noMnu Pravin Gordhan uMnu Edward Zuma, oyindodana yobengumen­gameli waseNingiz­imu Afrika, uMnu Jacob Zuma.

UMnu Zuma utholwe yiNkantolo yezokuLing­ana (Equality Court) enecala loku-hlambalaza amalungu aqavile e-African National Congress (ANC) - uMnu Hanekom, ongungqonq­goshe wezokuvaka­sha noMnu Gordhan, ongungqong­qoshe wezamabhiz­inisi kahulumeni.

NgoLwesibi­li le nkantolo imhlawulis­e u-R60 000 okuvele ukuthi kumele awukhokhel­e izikole ezimbili zaKwaZulu-Natal, okuwu- Mthombo Secondary School, eHowick ne-Ohlange High School, eNanda.

Ekhuluma neLANGA uMnu Zuma, uthe uyasihloni­pha isinqumo senkantolo futhi uzokwenza njengomyal­elo wayo. Uqhube wathi nakuba ezowulande­la umyalelo wenkantolo, kodwa akazisoli ngakubhale encwadini yakhe evulelekil­e lapho abiza khona laba baholi ngabadayis­i nabeseki bosomabhiz­inisi abamhlophe.

UMnu Zuma utshele ILANGA ukuthi ngeke axolise kulaba baholi, kodwa uzolandela umyalelo wenkantolo athi imnxuse ukuba axolise kwiSouth African Human Rights Commission (SAHRC) nakubantu baseNingiz­imu Afrika.

“Akukho lapho inkantolo ingiyalele ukuba ngixolise kubantu abathile, ingiyalele ukuba ngixolise kwikhomish­ini nakubantu baseNingiz­imu Afrika kuphela, ngakho ngizokwenz­a njalo okunye ngeke ngizihlang­anise nakho,” kusho uMnu Zuma enanela ngokuthi akazisoli ngakubhali­le ngoMnu Gordhan noMnu Hanekom.

Akafunanga ukuphumela obala ngokuthi uzosikhiph­a nini isixoliso njengoba etshele ILANGA ukuthi abameli bakhe baphezu kwalokho. UNks Tanuja Munnoo oyi-Provincial Manager yeSAHRC KwaZulu-Natal, uthe bagculisek­ile ngesinqumo senkantolo futhi bazolinda uMnu Zuma alandele umyalelo wayo ngaphandle kokukhetha okuthile kuwona. Bheka ekhasini 20

Inkantolo ingiyalele ukuba mngixolise kwikhomish­ini, okunye angizihlan­ganisi...

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE YI: TWITTER ?? UMNU Edward Zuma uthi akazisoli ngakubhala ngabaholi be-ANC.
ISITHOMBE YI: TWITTER UMNU Edward Zuma uthi akazisoli ngakubhala ngabaholi be-ANC.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa