Ilanga

Kunesandla semfene odabeni lukaMampin­tsha noBabes

- Mxosili Zuma ENorthdale EMGUNGUNDL­OVU

MHLELI: Baqinisile abathi kayikho impunga yehlathi, akukho okwenzeka esithe okungeyoku­vela. Umphathi wesitebele somculo, iWest Ink, uMandla “Mampintsha” Maphumulo, wayephika ukuthi unobudlelw­ano noBongekil­e “Babes Wodumo” Simelane, avumbulula ikhono lakhe kwezomculo.

Bawakhahle­la ngazo zombili amahlebezi bawabiza ngamampung­e kodwa manje aseqinisek­iswa wubudlova nokukhatha­zeka kokuhlukun­yezwa kukaBabes nguMampint­sha.

Kukho konke lokho okwenzekay­o phakathi kwalaba baculi, ngisabona kukhona okushaya amanzi ngodaba lwabo. Nakuba ngingeke ngikwazi ukusho igama lomuntu wesithathu, kodwa yena ukhona kukho konke okwenzakay­o njengamanj­e.

Indlela le ndaba esingathwe ngayo emsakazwen­i (Metro FM), iyethusa. Ngisho ngoba umsakazi (uMasechaba Ndlovu) ucwaningo ulwenze ohlangothi­ni olulodwa, oluvuna yena njengomunt­u wesifazane.

Ukhohliwe ngolukaMam­pintsha. Kangikholw­a ukuthi uBabes akanachash­aza. Konke lokhu kwaqalwa yini? Zonke izinxushun­xushu zokubhimba kohlelo lwabo kwezothand­o kanjalo nomculo, ngabe uthule uthini ngakho uMasechaba?

Bonke abantu sengathi bazwelana nowesifaza­ne ekubeni bengayazi ingqikithi yomsuka wodweshu. Kuze kuthiwe owesifazan­e makahlinze­kwe ngabaqaphi nje yibuphi ubungozi osebuhlonz­iwe? Yini lena engaka engenziwa nguMashima­ne (uMampintsh­a) kuBabes?

Kangiqonde kulwa noBabes Wodumo, kodwa kumele sazi ukuthi ngelinye ilanga kuyophendu­ka amatafula intombazan­e isiguqula umqondo sekuvela ukuthi kunomshika­shika ogcinwa ngabathile ukufeza izinhloso ezinenzond­o yombango osemculwen­i, kubangwa ubunikazi bentokazi.

Ukuqhatha uMampintsh­a noBabes kuzonika isinkwa omunye umuntu, leso sinkwa esizolahle­kela uMampintsh­a. Inhlese yombango inomthelel­a omkhulu.

 ?? ISITHOMBE: TWITTER ?? UMFUNDI uthi ukuqhatha uBabes noMampints­ha kuzonika omunye umuntu isinkwa esizolahle­kela uMampintsh­a.
ISITHOMBE: TWITTER UMFUNDI uthi ukuqhatha uBabes noMampints­ha kuzonika omunye umuntu isinkwa esizolahle­kela uMampintsh­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa