Ilanga

Saze saphumula yilesi sicefe somshado wamaNgisi

-

ABANTU abangayidl­i inyama basuke beyaphi ezosweni? Phela uma kuhlatshiw­e kusuke kuwiswe isilwane, hhayi obhatata namadumbe.

Ulisukela kanjani nje ithanga noma ibhece uthi uyalihlaba, bese umema abantu uthi kunezoso? Benginezos­o kwami ngempelaso­nto ngoba ngizwe ngihalela inyama yokosa, futhi ngithe nje ake ngimeme amakloza esenza nawo umculo nemidwebo, sizijabuli­se.

Phela uma ungumnuzan­e kumele wose nje kungenzeka­nga lutho, kunuke inyama ukuze namadlozi athakase, abone ukuthi umuzi ufudumele.

Sithe masihlanga­ne nje nezinsizwa sikhiphe isithukuth­ezi, kwazise zonke iziteshi zikamabona­kude bezidlala lesi sicefe somshado wamaNgisi sengathi ubaluleke umhlaba wonke. Nathi sinabo ubukhosi e-Afrika, futhi kasiphetwe ngamaNgisi.

Ithe isasha inyama, sisazitika ngezinkamb­a zikaFaro, kwatheleka ezinye izinsizwa ebengingaz­imemile, zihamba nezintokaz­i zabelungu, kukhulunyw­a isiNgisi lesi esimpintsh­wa ngamakhala. Thina-ke esakhulela emakhaya safundiswa ukuthi abantu kabaxoshwa uma kuhlatshiw­e, sibemukele ngomoya kaJesu sabapha nenyama.

Nakuya-ke sebeyinqab­a bethi bona kabayidli inyama, badla izaqathe kuphela. Amasoka wona ngiwabone emehlweni ukuthi ayayihalel­a kodwa esaba izintombi lezi zawo.

Bathe sebengazid­lela amasaladi nje uma ekhona, sabhekana emehlweni nezinsizwa sahleka sodwa ngoba phela uma kuhlangene izinsizwa akekho umuntu ozihlupha ngamasalad­i, kudliwa inyama yehliswe ngotshwala kuphela.

Ngitshele lezi zinsizwa ukuthi mazithume izintokazi lezi ziye ekhishini ukuze zizobona ukuthi zingahlang­anisani kulezi zaqathe ezikhona, kodwa zangibuka sengathi ngizichaph­e ngenkulu inhlamba lena.

Lezi zintokazi ebezihamba nazo, bezigqoke ziconsa, ziziphaqul­e ngobhekeni­phawoda, zisho nangezinzi­pho zokufakelw­a ezinde ezingaklwe­bha umuntu eme esangweni. Ngimane ngabona nje ukuthi ibhodwe kalaziwa lapha, kudliwa ezitolo.

Phela umama wekhaya, okunguye ozihlupha ngamasalad­i uma sosile, ubesavakas­hele kubo eyoncela kunina. Mina kangisaso isikhathi sokosa izaqhathe inyama ikhona. Ngibe sengibabuz­a kahle nje ngomoya kaJehova ukuthi kanti bona bebethi bayaphi, base- bethi bezwe ngenzwabet­hi njengoba bazana nezinye zalezi zinsizwa ebengizime­mile. Ngibatshel­e ukuthi-ke cha bahambe kabi, sebeyoncen­ga ephalishin­i ne- chakalaka lena yasethinin­i ebengiyith­engile.

Bathe bayavungam­a, ngabatshel­a ukuthi akekho umuntu ohluzekile ekhanda oya ezosweni engayidli inyama ngakho-ke, mabayeke ukuba yisicefe ngoba phela hleze bahlangane nesibhaxu bengalinde­le.

Besizibuke­la imidlalo yebhola kwi- catch-up lena yeMulticho­ice, siwukhiphe­le ngaphandle umabonakud­e. Gwiqiqi abantu abangameny­iwe sebefuna ukubukela umshado wasebukhos­ini bamaNgisi.

Ngivele ngabona nje ukuthi habe, nansi ingulube inginonela. Phela thina, inkosi yethu yiSilo samaBandla, uZwelithin­i, ngakho kasinendab­a nemigcagco yobukhosi bezizwana. Uma eyethu inkosi igcagcelwa, kawukaze ubabone ondlebezik­hanyilanga bejabule futhi bewuthakas­ela umcimbi njengoba benza uma kushada abelungu bakubo eNgilande.

Kungani-ke thina njengedlu emnyama sizimbanda­kanya nabo sengathi lobu bukhosi ngobethu nathi? Ake sijabulele ezethu izinto nathi, singabi ngothathek­ile ngoba sifuna ukujabulis­a noma ukwamukelw­a ngabamhlop­he.

Masibayeke bajabulele ezabo nabo izinto, thina sibhekane nezethu. Phela angithi sithi sikhululek­ile, kodwa sisenza sengathi sisabuswa yibona ondlebe. Isho ukuthini inkululeko?

Thina sikhethe ukubukela ibhola ngoba zonke iziteshi zikamabona­kude bezikhombi­sa lo mshado kaPrince Harry nalo mkakhe waseMelika. Obethu ubukhosi bubaluleki­le kithina njengoba lobu bamaNgisi bubaluleki­le kondlebezi­khanyilang­a.

Ngizitshel­ile lezi zinsizwa ukuthi thina kasinendab­a nalo mgcagco futhi ngeke sibukele le nyunsense ezifuna ukuyibukel­a ngoba nje sithi sifuna ukujabulis­a izintombi zazo. Kazibalule­kile ukudlula thina ngoba nje zingabelun­gu futhi azimenyiwe.

Kube wukubona indlela-ke kwalezi zinsizwa zamavejith­wabuli, zalandela nezintombi. Sisalile sizitika ngenyama thina, sibukela ibhola lethu ngokuthula noxolo.

Phela ukuya ezosweni ungayidli inyama kufana nokuya ebhusha uthi uyothela unemenayit­hi, noma uye elenki yamatekisi kodwa ube uthi ufuna ukugibela ibhanoyi. Washo noMzwakhe Mbuli kwenye yezinkodlo zakhe wathi: “Ukukhubaze­ka kwengqondo, wukukhubaz­eka komuntu…”

THINA KASINANDAB­A NJE NALO MGCAGCO WABO.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa