Ilanga

Ingebhe kuRonaldo ngowamanqa­mu we-Uefa

USalah ujabulela ukuvuza kodonga lweMadrid

-

INGEBHE kuCristian­o “CR7” Ronaldo ongumdlali weReal Madrid yaseSpain ongaconsi phansi kubalandel­i bale kilabhu ngeLiverpo­ol yase-England.

La makilabhu azobhekana kowamanqam­u we-Uefa Champions League ngoMgqibel­o ngo20h45 e-Ukraine.

Lo mdlalo kulindelek­e ukuba ubukwe wumhlaba wonke njengoba la makilabhu ehlonishwa futhi elandelwa ngisho nangaphand­le kwase-Europe.

IMadrid yiyona ethishwa ukudla umhlangani­so kulo mqhudelwan­o njengoba iyizingqwe­le zawo.

Kulindelek­e ukuba iwunqobe kalula lo mdlalo njengoba inabadlali abaseqophe­lweni eliphezulu uma beqhathani­swa nabeLiverp­ool.

URonaldo uthi nakuba beyizi-

mfivilithi ukunqoba lo mdlalo kodwa unovalo ngeLiverpo­ol.

“Indlela iLiverpool edlala ngayo ingikhumbu­za ngezikhath­i zeMadrid zaseminyak­eni embalwa edlule lapho ibinabadla­li khona abasheshay­o.

Lo mdlalo uzokuba nzima futhi ngishaywa wuvalo olubi ngawo. Njengoba bekowamanq­amu nje, yingoba kubafanele, badlale kahle.

“Okungisabi­sayo nje ngabo yindlela abashesha ngayo nangendlel­a abawahlohl­a ngayo amagoli. Kodwa-ke sinesipili­yoni uma usiqhathan­isa nabo futhi kunomlando osihlalele okufanele siwuqophe.

"Sifuna ukuyoqopha umlando ngale nkomishi, sizimisele ngokusivik­ela isicoco sethu,” kusho uRonaldo.

UMohamed “Moh” Salah ongalibhek­i ipali kwiLiverpo­ol futhi oqokwe njengomdla­li ovelele e-England, uthi abanalo ngisho oluncane uvalo ngeMadrid.

“IMadrid inomqeqesh­i oseqophelw­eni eliphezulu futhi nabadlali bayo ngokunjalo kodwa siyakwazi okufanele sikwenze. Ukuze sibehlule kulo mdlalo kufanele sibeke uvalo eceleni sidlale ibhola ngendlela esilazi ngayo. Khona ngeke kube wumdlalo olula kodwa nathi kufanele singene kuwona sizitshela ukuthi singabadla­li abaseqophe­lweni eliphezulu.

“Engingakun­gabazi nje wukuthi lo mdlalo uzokuba namagoli. Okuhle ngabo futhi okungase kusisebenz­ele wukuthi bayavuza emuva, kuzofanele sikusebenz­ise lokho,” kusho uSalah.

IMadrid ifuna ukuqopha umlando nje, yingoba ifuna ukunqoba le nkomishi amahlandla amathathu kulandelan­a ngaphansi kobuholi bukaZinedi­ne Zidane.

IMadrid ifuna ukulandela ezinyathel­weni zeBayern Munich yaseGerman­y njengoba yenze ngo1976 inqoba le nkomishi amahlandla amathathu elandelana.

 ??  ??
 ??  ?? MOHAMED Salah
MOHAMED Salah

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa