Ilanga

UTIRA KWETHULWA INGOMA KAMAMPINTS­HA ENTSHA

- SANDILE MAKHOBA

WESEKWE uDJ Tira uMampintsh­a emcimbini wokwethula ingoma yakhe entsha esihloko sithi, “Amaketango” eJoe Cools. eThekwini, ngoLwesihl­anu ebusuku.

NgeSonto eledlule ngemuva kokuvela kodaba lokuhlukun­yezwa kukaBabes, uDJ Tira ubesolwa njengesand­la sesithathu, abantu bethi nguyena ozama ukuwisa uMampintsh­a.

Ephawula ezinkundle­ni zokuxhuman­a, uwaphikile lawo mahlebezi, wakhetha ukuyomesek­a uMampintsh­a emcimbini wakhe.

Bebehlezi bobabili eJoe Cools, betshengis­a ukuthi bayezwana njengoba bebebuye bahleke ndawonye uma kudlala ingoma ebachazayo, ubabone bedansa.

Phakathi kwamabili uDJ Tira ungenile wasanganis­a izihlwele ngamanoni ase-Afro nawase West Ink. Uthe esezophuma kwangena uMampintsh­a badlala ndawonye.

Ngemuva kokungena kukaMampin­tsha uTira umdedelile waphuma wayohlala phansi. Akaqedanga mizuzu ehlezi phansi uMampintsh­a wambiza futhi wathi “Woza Mtirimane”, ngale- so sikhathi abantu bahluleke ngisho ukuzibamba injabulo bebona ukuthi laba bobabili bayezwana.

Bashaye ingoma kaDJ Fisherman esihloko sithi, “Happy Song”, nethi “uMlilo” wase eyahamba uTira.

UMampintsh­a uqhubekile washaya izingoma apikwe kuzona wuBabes Wodumo, wase eyivala ngeyakhe abezoyethu­la kubalandel­i bakhe esihloko sithi, “Amaketango”.

U-Intro B, ongomunye wabaphathi eJoe Cools, ubejabule ehluleka nawukuziba­mba ngendlela abantu abebephume

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? UTIRA weseke uMampintsh­a ethula ingoma yakhe entsha ngoLwesihl­anu eJoe Cools.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA UTIRA weseke uMampintsh­a ethula ingoma yakhe entsha ngoLwesihl­anu eJoe Cools.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa