UBOPHA INYANGA ODLWENGULWE ESIGODLWENI
Uyise uthathe inombolo eyizwa ikhuluma emsakazweni
ISEMANYALENI inyanga yaseMawoti eNanda, eThekwini, evulelwe icala lokudlwengula owesifazane (32), esigodlweni sayo kade eyolashwa. Imluthe ngokuthi imfaka umuthi ngesitho sayo sangasese.
Le nyanga, esinalo igama layo kodwa esingeke siyidalule ngenxa yokuthi isivulelwe icala, kuthiwa ibijwayele ukuzwakala ebusuku ikhuluma ngezinhlelo zayo zokwelapha komunye wemisakazo ezinze eThekwini.
Ngokusho kwesisulu esidabuka eMbalenhle, eMpumalanga Province, - naso esiligodlile igama laso ukusivikela - sithi besiseThekwini ngoba siyokwelashwa yile nyanga, sihamba noyise ngesikhathi sehlelwa yile nkinga.
Sithi uyise uqale ukwazi ngale nyanga eyizwa ikhuluma emsakazweni, wathatha inombolo yayo ngoba eyizwe ikhuluma njengomuntu osizayo.
Uyise uyifonelile inyanga wahlela ukuya eThekwini, ukuze iyomelapha, imhlelele nokuthi uzolala emzini wayo le nyanga.
“Ngenxa yokuthi nami izinto bezingangihambeli kahle emsebenzini nasothandweni, ngihambe nobaba saya enyangeni. Sifike ngosuku lokuqala yasitshela ukuthi ukuze sisizakale enkingeni ebesibhekene nayo, kuzomele sikhokhe u-R3 000 umuntu ngamunye.
“Sikhalile yasehlisela yathi masikhokhe u-R5 000 sisobabili. Nebala siyikhiphile leyo mali yaqala inyanga yaselapha kwaphoqeleka ukuba silale emzini wayo ngenxa yokuthi besisuka kude futhi ubaba evumelene nayo ukuthi izosilalisa,” kuchaza lona wesifazane.
Uthi balashwe kwaze kwaba sebusuku. Ngabo-23h00, inyanga ibatshele ukuthi izobelapha ngokwehlukana - izobabizela esigodlweni sayo ngokwehlukana.
Uqhuba athi iqale yabiza uyise yamnika yonke imithi ebiqondene naye, yabe isibiza yena emuva kokuba uyise esetshelwe ukuthi makayolala.
“Ngingene esigodlweni yangitshela ukuthi izongisiza ngithole umaqondana ozongishada ngiyeke ukudlala abafana.
“Ingithembise nokuthi izongilungisela inkinga ebengibhekene nayo yokungawutholi umsebenzi.
“Ingiyalele ukuthi ngikhumule khona izongigcaba esithweni sangasese. Ithe mangilale ngibheke phezulu ngenxa yokuthi ngeke ikwazi ukungigcaba ngiguqile ngoba ngikhuluphele.
“Kuthe ngisamangazwe yilokho, yafaka amagilavu qede yangigcoba amafutha anuka kabi esithweni sangasese, yangitshela ukuthi la mafutha azongisiza ngithole umshado,” kusho isisulu.
Lona wesifazane uthi bekwenzeka konke lokhu elokhu eyibuza inyanga ukuthi kungani ingabizi inkosikazi yayo kube yiyona eyenza zonke lezi zinto kuyena ngenxa yokuthi ungumuntu wesifazane.
Uthi ibilokhu imtshela ukuthi makakhululeke, ngeke imenze lutho, yindlela esebenza ngayo le abantu besifazane abafuna ukulungiselwa indaba yemishado.
Utshele ILANGA ukuthi ishutheke umunwe wayo esithweni sakhe sangasese, kwalandela isitho sayo isiphezu kwakhe, imtshela ukuthi angabangi umsindo ngoba sezilaphekile zonke izinkinga zakhe.
Uthi ngesikhathi isiphezu kwakhe, ubuyile umqondo ukuthi iyamnukubeza, wayiphushela eceleni. Emuva kwalokho imtshele ukuthi angethuki ngekwenze kuyena, ibimelapha. Imnike imithi yamyalela ukuba ayolala ekamelweni abelungiselwe kulona.
“Ngakusasa ekuseni ngivuke ngalungiselela ukuhamba nobaba sibuyele emuva. Ngaphambi kokuba ngihambe, ngiyibizele eceleni ngayitshela ukuthi ngiyazi ukuthi ibinginukubeza futhi le nto ebiyenza kimina kangiyithandanga.
“Ingincengile ithi mangikhululeke, kakukho okubi okuzokwenzeka kumina,” kusho lona wesifazane. Uthi ufike kubo udaba walubikela unina omncane qede bayobikela iNkosi yangakubo, iNkosi Pit Mahlangu.
Utshele ILANGA ukuthi inkosi inqume ukuba ifonelwe le nyanga yaziswe ukuthi udaba seluyaziwa futhi bazimisele ngokuthatha izinyathelo. Uthi inyanga kayiphikanga ngesikhathi ifonelwa yinkosi kodwa icele ukuba kuxoxwe njengamadoda.
“Ithembise ukuthi izoyibuyisa imali esikhokhise yona ngesikhathi iselapha yathi izokhipha no-R50 000 wesixoliso. Icele ukunikezwa imininingwane yasebhange ezoyifaka kulona imali. Kudlule usuku olulodwa yafaka u-R5 000 esikhokhise wona ngesikhathi iselapha,” kusho isisulu.
Sinqume ukuyivulela icala ukuze izoyeka ukudlala ngabantu besifazane, ilale nabo ithi iyabasiza. Imizamo yokuthola iNkosi Mahlangu, iphunzile njengoba ucingo lwayo belukhala lungabanjwa kwaze kwashaya isikhathi sokuloba.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala. uthe likhona icala lokudlwengula elivuliwe mayelana nalolu daba, amaphoyisa aseqale uphenyo.
Kuthe ngisamangazwe yilokho, yafaka amagilavu qede yangigcoba amafutha...