Kugcine kumlungele ogulayo obeswele indlu ILANGA
Like labika kabanzi ngosizi lwakhe
UKHIHLE isililo owesifazane waku-ward 20 oPhansi, eJozini, onesimila esingelapheki ngesikhathi etakulwa wuMasipala waseJozini ngendlu entsha ceke. UNkz Fikile Ntuli (44) ugula nje, ubebhekene nosizi iminyaka, engenayo indawo yokuhlala ngokukhululeka.
Ngo-2016 ILANGA libike kabanzi ngosizi lukaNkz Ntuli, ecela noma ngubani ongaba nosizo kule nkinga yesimila esisesiswini. Ukukhukhumala kwesisu sakhe kuholele ekubeni angakwazi nokuzihambela kahle, usebenzisa izinduku uma ehamba ngenxa yokusindwa wumzimba.
NgoLwesine wehlulekile wukuzibamba iMeya yaseJozini, uMnu Delani Mabika, uSomlomo walo masipala, uNkk Lindiwe Gumbi nezinye iziphathimandla zikamasipala bemnika ukhiye wendlu yakhe enamagumbi amane.
Le ndlu inamagumbi amabili okulala, ikhishi negumbi lokuphumula. UNkz Ntuli uthe ibinzima kakhulu impilo abeyiphila ngenxa yokungabi nendlu.
“Izingane zami zihlala emizini yabantu ngesizathu sokuthi ngahlasewa wukugula ngingakabi nawo amandla okwakha. Nakhona lapho ebengihlala khona, bengingenayo indlu yokulala.
“Ngendlela engigula ngayo sengaba yinkubela nje efanelwe wukuhlala endlini ngaso sonke isikhathi. Iyangihlukumeza le nto.
“Okungithokozisayo wukuthi sengizokwazi ukuhlala nabantwana bami. Noma singangehlula lesi simila, ngeke ngibe nenkinga ngoba vele ngiyazi ukuthi izingane zami zizosala endlini ephephile. Ngibonga kakhulu kwiziphathimandla zalo masipala,” kusho uNkz Ntuli ekhala ngenxa yenjabulo.
UMnu Mabika uthe uyathokoza ngokwenzeka kumasipala wakhe njengoba ethi inyanga nenyanga uvula ngokusemthethweni izindlu ezakhelwe abantu abaswele.
“Kuyangithokozisa ukuthi namuhla sizovula indlu kaNkz Ntuli ngoba ngafika lapha ngasibona isimo ukuthi sibucayi kangakanani.
“Okwenza sibe nesibalo esiphezulu sabantu abeswele, wukuthi sisendaweni esemakhaya kakhulu lapho khona abantu bengakwazi ukuzenzela imali,” kusho uMnu Mabika.
Noma singangehlula lesi simila, ngeke ngibe nenkinga...