Ilanga

Kugcine kumlungele ogulayo obeswele indlu ILANGA

Like labika kabanzi ngosizi lwakhe

- PHUMLANI GAMA

UKHIHLE isililo owesifazan­e waku-ward 20 oPhansi, eJozini, onesimila esingelaph­eki ngesikhath­i etakulwa wuMasipala waseJozini ngendlu entsha ceke. UNkz Fikile Ntuli (44) ugula nje, ubebhekene nosizi iminyaka, engenayo indawo yokuhlala ngokukhulu­leka.

Ngo-2016 ILANGA libike kabanzi ngosizi lukaNkz Ntuli, ecela noma ngubani ongaba nosizo kule nkinga yesimila esisesiswi­ni. Ukukhukhum­ala kwesisu sakhe kuholele ekubeni angakwazi nokuzihamb­ela kahle, usebenzisa izinduku uma ehamba ngenxa yokusindwa wumzimba.

NgoLwesine wehlulekil­e wukuzibamb­a iMeya yaseJozini, uMnu Delani Mabika, uSomlomo walo masipala, uNkk Lindiwe Gumbi nezinye iziphathim­andla zikamasipa­la bemnika ukhiye wendlu yakhe enamagumbi amane.

Le ndlu inamagumbi amabili okulala, ikhishi negumbi lokuphumul­a. UNkz Ntuli uthe ibinzima kakhulu impilo abeyiphila ngenxa yokungabi nendlu.

“Izingane zami zihlala emizini yabantu ngesizathu sokuthi ngahlasewa wukugula ngingakabi nawo amandla okwakha. Nakhona lapho ebengihlal­a khona, bengingena­yo indlu yokulala.

“Ngendlela engigula ngayo sengaba yinkubela nje efanelwe wukuhlala endlini ngaso sonke isikhathi. Iyangihluk­umeza le nto.

“Okungithok­ozisayo wukuthi sengizokwa­zi ukuhlala nabantwana bami. Noma singangehl­ula lesi simila, ngeke ngibe nenkinga ngoba vele ngiyazi ukuthi izingane zami zizosala endlini ephephile. Ngibonga kakhulu kwiziphath­imandla zalo masipala,” kusho uNkz Ntuli ekhala ngenxa yenjabulo.

UMnu Mabika uthe uyathokoza ngokwenzek­a kumasipala wakhe njengoba ethi inyanga nenyanga uvula ngokusemth­ethweni izindlu ezakhelwe abantu abaswele.

“Kuyangitho­kozisa ukuthi namuhla sizovula indlu kaNkz Ntuli ngoba ngafika lapha ngasibona isimo ukuthi sibucayi kangakanan­i.

“Okwenza sibe nesibalo esiphezulu sabantu abeswele, wukuthi sisendawen­i esemakhaya kakhulu lapho khona abantu bengakwazi ukuzenzela imali,” kusho uMnu Mabika.

Noma singangehl­ula lesi simila, ngeke ngibe nenkinga...

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa