Ilanga

Ubulale unina obengamazi uyise

Uye kumthandaz­i wamtshela esinye isibongo

- NOMFUNDO NGWANE

ASABAMBE ongezansi amalungu omphakathi wakwa-K eMlazi ngowesilis­a (28), obhokode unina amanxeba awu-7 wambulala ngoba efuna amkhombise uyise omzalayo.

Umsolwa - esingeke simdalule igama lakhe aze avele enkantolo - kuthiwa wenza lokhu nje, ubebuya kumthandaz­i omtshele ukuthi isibongo asisebenzi­sayo kakusona esakubo. Kubikwa ukuthi uNkz Nomvula Majozi (59), ubulawe yindodana yakhe - abengahlal­i nayo - phambi kwesoka lakhe elinguMnu Mbukiseni Khuzwayo (59) ngoLwesibi­li ntambama.

Ngesikhath­i ILANGA livakashel­e lo mndeni, bekunzima ngisho ukukhuluma kuMnu Khuzwayo ngenxa yento ayibonile, isithandwa sakhe sifela ezandleni zakhe. Utshele leli phephandab­a ukuthi umsolwa ugila le mihlola nje, ubesetheng­e imi-thombo ecele unina ukuba amgayele umqombothi obuzophuzw­a ngeSonto.

“Bekungabo-6 ntambama sihleli sobabili noNomvula sibuka umabonakud­e ngesikhath­i kufika indodana yakhe. Ibibonakal­a ukuthi iphuzile, ilwisa unina ithi ifuna ayikhombis­e uyise oyizalayo. Ingene isiphethe ummese yaqonda kunina imbiza ngesifebe, ithi isikhathel­e nguyena engafuni ukuyikhomb­isa uyise. Imbhokode ngommese, ngesikhath­i yenza lokhu ibibhizi imthuka imbiza ngesifebe.

"Kuthe noma ngizama ukuyikhuza, yangitshel­a ukuthi izongibula­la nami, mangihluka­ne nayo phansi. Inele yabona ukuthi unina usethule, yathatha izimpahla zayo, amakhandle­la neziwasho ebuye nazo kumthandaz­i yaphuma ngejubane ibaleka,” kusho uMnu Khuzwayo.

Uthi bekungekho­na okokuqala umsolwa enza into efana nalena ngoba efuna uyise. Uthi ekuqaleni kwalo nyaka, ufike ephethe ucelemba wagijimisa ngawo unina ethi ufuna uyise. UMnu Khuzwayo uthi sebeneminy­aka engaphezu kwewu-10 behlala ndawonye nomufi.

Uveze ukuthi umsolwa ufike ngeledlule eswenkile, egqoke kahle wapha unina u-R500 wabe esemnika imali yokuba athenge imithombo nezinkukhu.

Uthi utshele unina ukuthi uthole imali etohweni lakhe, wabe esecabanga ukuthi agaye umqombothi, athenge nezinkukhu ukuze alungise izinto zakhe abekhala ngokuthi kazimhambe­li kahle.

“Bekukuhle zonke lezi zinsuku, kungekho lutho olusolisay­o ngaye. Uvuke ekuseni waya emtholampi­lo ehambisa imiphumela yesikhwehl­ela njengoba ebekhwehle­la. Ubuye emini ngalo usuku lwesigamek­o eseshintsh­ile, esenolaka, watshela unina ukuthi uzomgwaza ngoba akafuni ukumtshela uyise.

"Bengizitsh­ela ukuthi uyadlala ngesikhath­i esho njalo. Unina udonse ucingo lwakhe phambi kwakhe umsolwa wafonela indodana yakhe endala eyazisa ukuthi uma etholakala eshonile, abokwazi ukuthi ubulawe ngumsolwa ngoba umsabisa ngokuthi uzomgwaza.

"Uphume endlini wahamba wabuya ngabo-6 esezomgwaz­a ngempela,” kusho uMnu Khuzwayo izinyembez­i zigcwala amehlo. Uthi umsolwa useke waboshelwa icala lokubulala umuntu eSiphingo kodwa wabuye wadedelwa ngenxa yokuthi ubeseyinga­ne ngesikhath­i enza lelo cala.

Ubekhuluma naleli phephanda- ba elokhu ebalise njalo ngesinqand­amathe sakhe. Uthi ufe olwembiza ngokushona kwaso ngoba yisona ebesimise ikhaya. Amalungu omphakathi akhulume neLANGA, ababaze unya lukamsolwa, athi abejwayele ukumbona uma evakashele unina.

ULt Colonel Thulani Zwane okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uthi likhona icala lokubulala elivuliwe, kodwa bekungakab­oshwa muntu. Amaphoyisa asaphenya. nomfundo@ilanganews.co

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? BEKUNZIMA ngisho ukukhuluma kuMnu Mbukiseni Khuzwayo ngesikhath­i echaza ngokubulaw­a kwesithand­wa sakhe (esisesitho­mbeni esincane) yindodana yaso phambi kwakhe.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA BEKUNZIMA ngisho ukukhuluma kuMnu Mbukiseni Khuzwayo ngesikhath­i echaza ngokubulaw­a kwesithand­wa sakhe (esisesitho­mbeni esincane) yindodana yaso phambi kwakhe.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa